Izinsolo zokusebenzisa izidakamizwa zithikameza ukugcotshwa kweSilo

Celani Sikhakhane

Ukugcotshwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini kusengcupheni ngemuva kokuvela kwezinsolo zokucwila kwezikafaru nakuzidakamizwa.

Lezi zinsolo zokusebenzisa izidakamizwa zenziwa ngesikhathi ubabomncane weSilo uMisuzulu, uMntwana uMbonisi kaBusha, ethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yasePitoli.

Encwadini yakhe efungelwe uMntwana uMbonisi uveze ukuthi uMisuzulu akakufanele ukubusa ubukhosi bakaZulu ngenxa yokuthi ucwile otshwaleni nakuzidakamizwa.

UMntwana uMbonisi uyivukelambuso lasebukhosini, futhi ulwela ukuvimba ukugcotshwa kweSilo uMisuzulu.

I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi lezi zinsolo ezibhekiswe kwiSilo uMisuzulu sekunesikhathi zaziwa ebukhosini futhi abaningi bebezazi ngaphambi kokuthi aqokwe njengozothatha isihlalo sobukhosi.

Elinye ilunga eliphezulu ebukhosini lize lathi uMisuzulu ngeke abe iSilo sokuqala esizitika ngezidakamizwa – kanti neSilo esakhothama uZwelithini kanye noMntwana uMbonisi bebezisebenzisa izidakamizwa.

“Empeleni ngisho neSilo esakhothama besaziwa ngokubhema umthunzi wezinkukhu. Amalungu amaningi omndeni wasebukhosini bakaZulu nawo ayazisebenzisa izidakamizwa okubalwa  kuwo noMntwana uMbonisi, angazi ngempela ukuthi kungani bezama ukwenza lento into entsha emndenini,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa.

“Kwesinye isikhathi abanye odadewabo beSilo uMisuzulu bake basola unkosikazi wakhe wokuqala uNdlunkulu uNtokozo kaMayisela ngokumfaka ezidakamizweni,” engeza.

UMntwana uMbonisi nabanye abazibiza ngamavukelambuso balwela ukuthi uMntwana uSimakade kaZwelithini athathe isihlalo sobukhosi ngoba ngokwesiko wathathwa ngunina weSilo uMisuzulu, uNdlunkulu uMatfombi.

Ngesonto eledlule iSilo uMisuzulu kanye noNdunankulu wakhe uMntwana uMangosuthu Buthelezi, baqhubekile nokuhlola isibaya okuzokwenzelwa kuso umcimbi wokugcoba.

Baphinde baqhubeka nomcimbi wokuhlanzwa kwezikhali zeSilo esakhothama uZwelithini ngomhlaka-26 kuNhlangulana.

Mhla zinhlanu kuNtulikazi, uMntwana uSimakade namanye amalungu omndeni wasebukhosini babe nomcimbi wabo wokuhlanjululwa esigodlweni saKwaKhethomthandayo.

Izihloko zakamuva