Lubhalwe nguKarabo Rammutla
I-Mpumalanga isiphinde yangena ehlazweni ngokusolwa ngokukopela kwabafundi abakade benza umatikuletsheni.
Abezindaba i-News24 babike ukuthi abafundi abangu-1 127 abambandakanyeka ekukopeleni abaphuma ezikoleni zase-Mpumalanga.
Kusolwa ukuthi abafundi bakhokhela othisha imali efinyelela ku-R1 500 ukuze bakwazi ukujoyina amaqembu e-WhatsApp okuyilapho okwafakwa khona izimpendulo ngesikhathi kusabhalwa izivivinyo.
Kuzobe kungesikho okokuqala izikole zase-Mpumalanga zingena ehlazweni lokubalwa nezikole ezikopele iphepha likamatikuletsheni.
Ngo-2015 uMnyango wezeMfundo waqala uphenyo ngezinsolo zokukopela ezithinta isifundazwe.
Othisha abangu-19 abaqashwe nguhulumeni abathinteka esigamekweni sokukopela kukamatikuletsheni e-Mpumalanga batholwa benecala lokungaziphathi kahle.
Ngaleso sikhathi othisha bahlawuliswa u-R3 000 ngemuva kwalokho bathola izincwadi zesexwayiso.
Ngo-1998 uMnyango wezeMfundo e-Mpumalanga waxosha izikhulu ezimbili ezisezikhundleni eziphezulu ngokubandakanyeka kwazo ehlazweni likamatikuletsheni walowo nyaka ngesikhathi imiphumela yabo ikhushulwa ngomgunyathi yafinyelela ku-72%.
Kuleli hlazo lakamuva kukholakala ukuthi abanye othisha nabaqaphi basize abafundi ukuba bakopele.
Kuthiwa ngaphandle kokuthumela izimpendulo emaqenjini e-WhatsApp, okuyibona abagada abafundi bebebanikeza izimpendulo ngesikhathi sekhefu baze babadlulisele namanothi ngesikhathi sokubhala izivivinyo.
UMnu Elijah Mhlanga woMnyango utshele i-Newsroom Africa ukuthi zikhona izinyathelo abazithathile ukuze baqinisekise lezi zinsolo zokukopela kwabafundi e-Mpumalanga.
“Uphenyo olwenziwe likuvezile ukuthi lezi zinsolo ziyiqiniso,” kusho uMhlanga.
“Kodwa odabeni olufana nalolu kufanele ube nobufakazi obuphathekayo obuzoqinisekisa ukuthi ngempela icala likhona uma sekuqondiswa izigwegwe.”
I-National Association of School Governing Bodies isiphakamise ukuthi kwenziwe uphenyo olunzulu ngesikhathi i-SA Democratic Teachers’ Union (Sadtu) isicele uNgqongqoshe wezeMfundo u-Angie Motshekga ukuthi aphenye ngokushesha ngalezi zinsolo ukuze kuvikelwe ubuqotho bezivivinyo.
Isithombe esingenhla ngesesitifiketi sikaMatikuletsheni
Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla