Izinsolo zokukhululwa kwenqwaba yabadlali kwiChelsea

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Sports Editor

Akuyona imfihlo ukuthi iqembu le-Chelsea lizogxila ekudayiseni abadlali kuleli hlobo.

Isikhwama Sokutshalwa Kwezimali Sase-Saudi Arabia (PIF) sibukeka sizothenga abanye babadlali be-Chelsea, ikakhulukazi labo abangenzanga kahle ngesizini edlule. Lokhu sekuveziwe futhi kuzosiza iqembu ukuthi lihlangabezane nezidingo zalo ze-Financial Fair Play.

Kubikwa ukuthi uN’Golo Kante uzoya kwi-Al-Ittihad, uKalidou Koulibaly unentshisekelo yokuya kwi-Al-Hilal kanti i-Al Nassr inikeze uHakim Ziyech ithuba lokuphinda umholo wakhe kabili.

Kuphinde kube nentshisekelo enkulu kumgadli uPierre-Emerick Aubameyang, oshaye igoli elilodwa emkhankasweni wokugcina we-Premier League.

Kuze kube imanje, konke lokhu kulele kwibhodi. I-Chelsea iyadayisa kanti i-PIF yase-Saudi izimisele ukuthenga.

Kodwa-ke, kubikwe i-Sportsmail ukuthi i-PIF “inezigidigidi zamaphawundi eziphethwe i-Clearlake”, okuyinkampani etshala izimali kwi-Chelsea. Lokhu kudale izinsolo zokuthi i-Chelsea inesivumelwano eyasenza ngasese nenkampani yase-Saudi.

Ukuxhumana phakathi kwe-Chelsea ne-Saudi Arabia kudonse ukugxekwa abalandeli abayizimbangi, abakubona kuyindlela yokuthi i-Chelsea ikhiphe abadlali abahola kakhulu ukuze ilungise izinkinga zayo zezimali.

I-PIF ephethe amaqembu amaningi ahamba phambili ku-Saudi Pro League iphethe ne-Newcastle United eyayithola ngemuva kokuthatha leli qembu ngoMfumfu ngonyaka ka-2021.

Umnikazi we-Chelsea, uTodd Boehly usanda kuvakashela e-Saudi Arabia eyobamba umhlangano noMengameli we-Al-Hilal okuqhubekisela phambili ukuqagela mayelana nokudluliselwa kwabadlali okungenzeka.

Abalandeli bazwakalisa ukungenami kwabo bengabaza nokuthi i-Premier League izothatha yiphi indlela.

I-Chelsea ibhekene nokufuna ukwehlisa abadlali ngaphansi komphathi omusha uMauricio Pochettino. Ngaphandle kwabadlali abaxhunyaniswe ne-Saudi Arabia kunemibiko kaKai Havertz eveza ukuthi unesivumelwano ne-Arsenal, kanti uMateo Kovacic angase angene kwi-Manchester City. 

I-Manchester United ikhombisa intshisekelo ngoMason Mount, inkontileka yakhe ne-Chelsea ephela kulo nyaka.

Ukukhipha laba badlali kuzodala isikhala eqenjini le-Chelsea futhi kunikeze iqembu imali yokuqala kabusha ngemuva kwesizini edumazayo ka-2022-23 njengoba behleli kunombolo-12 ku-Premier League.

Isithombe esingenhla: Umnikazi we-Chelsea uTodd Boehly

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva