Dylan Bettencourt
Abasubathi abancane be-gymnasts bekulindeleke ukuthi baziqeqeshe futhi baqhudelane yize bebelimele.
Umbiko we-Sport Integrity Australia (i-SIA) uveze ukuthi abasubathi abaningi be-gymnasts e-Western Australia Institute of Sport bahlukunyezwa ngezindlela ezahlukene.
I-SIA yenze uphenyo ngalezi zinsolo phakathi kwanyaka ka-1987 kuya ku-2016, yathola ukuthi “kungenzeka abanye babasubathi bahlukunyezwa noma balinyazwa.”
“Isibindi esikhonjiswa ilaba badlali be-gymnasts lapho bexoxa ngezinto abadlule kuzo kuzokwakha ushintsho olukhulu,” kuthembisa isikhulu esiphezulu se-SIA, uDavid Sharpe.
“Esinye sezizathu esikhulu ukuthi lezi zindlela zokuziphatha zenzeke ngoba bezingekho izindlela zokukuvimba noma lapho abangakhalaza khona.”
Uhlelo lwe-elite olusolwa ngokuhlukumeza lwamukele iziphakamiso ezine zokuthuthukiswa okuhlanganisa nenqubo yokuxolelana, lokhu kuqinisekiswe uSihlalo uNeil McLean.
“Kwabesifazane ababike izehlakalo ezinjalo ezicindezelayo sikuzwile sakulalela. Kulabo abahlangabezane nokuhlukunyezwa nokulimala ekujuleni kwezinhliziyo siyaxolisa.
“Siyaxolisa ukuthi nihlangabezane nobuhlungu kunokuba nijabule futhi siyaxolisa ngohlelo lwe-WAIS oluhlulekile ukunivikela,” kusho uMcLean esitatimendeni.
Uphenyo luveze ukuthi imigomo yehlulekile ukuvikela abasubathi ngaphambi kokuthi izinkinga zezimali zivale lolu hlelo ngo-2016.
Ngaleso sikhathi cishe abasubathi abangu-800 base bebambe iqhaza kulolu hlelo.
“Kubalulekile kuwo wonke umuntu obambe iqhaza emphakathini wethu wezemidlalo osezingeni eliphezulu okuhlanganisa nabasubathi abaphakamise lezi zinsolo kumele bazi ukuthi siyazamukela futhi nombiko uyasigculisa,” kusho uMcLean.
“Ngaphambi kokuthi kukhishwe umbiko i-WAIS isivele yasungula yaphinde yasebenzisa inqubomgomo ezosiza ngandlela thize ekubhekaneni nezinto ekumele zilungiswe.”
Leli akulona ihlazo lokuqala lokuhlukumeza emhlabeni jikelele. UDkt uLarry Nassar waseMelika utholwe enecala lokunukubeza abasubathi besifazane abaningi ngokocansi eminyakeni engamashumi amabili wagwetshwa iminyaka engu-175 ejele.
Umthombo wesithombe: @Women’sAgenda