
Dylan Bettencourt
I-FIFA ne-Zimbabwe Football Association (Zifa) basolwa ngolushaya indiva udaba lokuthi onompempe besifazane bahlukunyezwa ngokocansi.
La macala enzeka ngoMandulo wango-2020 futhi adluliselwa kunobhala jikelele wekhomiti ye-Zifa, u-Obert Zhoya. Usihlalo we-Zifa, uBryton Malandule naye usolwa ngokuhlukumeza onompempe besifazane ngokocansi.
Onompempe ababili besifazane bafaka izikhalazo zabo kwibhodi ye-Zifa, kodwa ngemuva konyaka akukho mnyakazo owenziwe.
Ngenxa yokuthi ibhodi ye-Zifa ayizange yenze lutho ngezikhalazo zabo, onompempe baphendukela kwi-FIFA, i-Confederation of African Football (CAF) nakwi-Council of Southern Africa Football Association (Cosafa). Noma kunjalo, akukho mnyakazo owenziwe futhi abenzi bobubi basahamba bekhululekile.
Kwaze kwaba nguZibandlela ngo-2021, lapho okwenzeka khona umnyakazo ngenkathi onompempe ababili bebikela amaphoyisa ngalesi sigameko.
Omunye wonompempe uthe akakaze adlalise mdlalo selokhu abika ngalolu daba, wengeza ngokuthi lesi simo siyamhlukumeza emoyeni.
“I-Zifa isiphoxeke kakhulu. Ngizitshelile ukuthi angisoze ngathembela kuyo. Benginethemba elikhulu lokuthi i-FIFA izongenelela ilwele ukusivikela singonompempe besifazane kodwa nayo ingiphoxile,” esho.
“Umbuzo wami uthi kungani i-FIFA ithule? Angisho ukuthi kufanele baphuthume babeke udaba lwami phambili kodwa bekumele okungenani bangibonise ukuthi bazimisele ngokungisiza”.
Omunye unompempe osemnkantshubomvu ebholeni lase-Zimbabwe uthe akanakwa selokhu asekela lezi zisulu ezimbili.
“Le mibiko yenziwa ngokushesha ngesikhathi kuphuma lezi zindaba futhi sekuyisikhathi esingaphezu konyaka kungenzeki lutho. I-FIFA bekumele ihlezi ixhumana nezisulu ukuze ibaqinisekise ukuthi iyalilungisa lolu daba,” esho.
I-FIFA ithe idlulisele leli cala kwi-CAF ngoba bebengenawo amandla okuphenya nokwahlulela ecaleni elikanjalo.
I-CAF inqume ukuthi idlulise leli cala kwiziphathimandla zase-Zimbabwe ngaphandle kokuphawula.
Umthombo wesithombe: @TheIndependent