Sizwe Sibiya
I-SABC imemezele ngoLwesithathu ukuthi uSomizi Mhlongo uzothatha ikhefu ngokuzithandela esiteshini i-Metro FM ngenxa yezinsolo zokuhlukunyezwa ngumyeni wakhe, uMohale Motaung.
Lezi zinsolo zivele nje ngemuva konyaka nohhafu selokhu umlingisi, ijaji ku-Idols SA nomethuli wohlelo ku-Metro FM i-The Bridge uMhlongo ebophe ifindo likasofasilahlane noMotaung emcimbini womshado wobukhazikhazi.
Lo mcimbi wasakazwa kuphela ohlelweni lwakhe lwangempela, i-Living the Dream with Somizi, oluqhubeka ukukhonjiswa masonto onke ku-Mzansi Magic.
Kodwa manje, okwabizwa ezihlokweni zezinhlebo zosaziwayo ngokuthi ‘umshado weminyaka eyishumi’ yiwo kanye umzuzu oholele ekuweni kukaSomizi.
UMotaung utshele i-Sunday World ukuthi uSomizi ubelokhu emhlukumeza selokhu kwaqala umshado wabo obizwa nge-‘fairytale’.
UMohale uxoxa ngalezi zinsolo engxoxweni eqoshiwe eyenzeka phakathi kwakhe nabadidiyeli be-Living the Dream noSomizi.
UMotaung uthe “uyamesaba” uMhlongo ngesikhathi benikana izifungo emshadweni.
I-Sunday World icele uMhlongo ukuba aphawule kodwa akazange aphendule ngesikhathi lo mbhalo usuzophrintwa.
Isitatimende se-SABC simemezela ukuhamba kukaMhlongo, i-SABC igxeka zonke izinhlobo zokuhlukumezeka emakhaya.
“I-SABC ingakuqinisekisa ukuthi abaphathi be-METROFMSA bahlangane noMnu uSomizi Mhlongo futhi ucele ukuthatha ikhefu emsebenzini. Abaphathi banikeze uMnu uMhlongo imvume yokwenza lokho”.