Dylan Bettencourt
Ukuvinjelwa kwe-France ukuthi igqoke amaduku afihla ingxenye yobuso abizwa ngama-hijab ezweni lonke kuye kwathinta abadlali bebhola bamaSulumane kangangokuthi baye bayeka ukudlala umdlalo abawuthandayo.
UShireen Ahmed intatheli yezemidlalo yase-Canada kanye nesishoshovu uthe wayeka ukudlala ibhola eneminyaka engu-20 ngoba wayeseqale ukugqoka i-hijab.
“Ukuphila ngaphandle kwebhola bekungenzeki kumina, kodwa kunzima ngempela ukuphindela uma uzizwa ngaleyo ndlela,” kusho yena.
U-Ahmed unezela ukuthi i-hijab ayithinti kuphela abadlali bamanje kodwa namantombazane amancane angama-Muslim abefisa ukungena emdlalweni.
Ukuvinjelwa kwe-hijab kusho ukuthi abesifazane abangamaSulumane bavinjelwe ukubamba iqhaza kwezemidlalo kuwo wonke amazinga.
“Abakwazi ukuqeqesha kanti futhi abakwazi ukuphatha njengoba bekhishwa kuyo yonke indawo ekubeni lento abayenzayo inonya futhi iletha nesithombe esibi esithi siyabazonda abesifazane abangamaSulumane,” kusho u-Ahmed.
Ibhola labesifazane seliphule amarekhodi ambalwa selokhu lasungulwa.
E-France iqembu labesifazane lase-Lyon lilungiselela umdlalo wabo wamanqamu weshumi we-Uefa Champions League, kodwa ukuvinjelwa kwe-hijab yi-France kuvimbela abesifazane abangamaSulumane ukuthi baye kulo mdlalo.
“Kuyingxenye yohlelo lokubusa kwabamhlophe, ukucwaswa kwabantu bakwamanye amazwe, ukugxeka kanye nokulwisana nemizwa yabesifazane bamaSulumane,” kusho u-Ahmed.
“Ukwenqabela abesifazane abangamaSulumane ukuthi bagqoke amaduku afihla ingxenye yobuso kwezemidlalo kuyinkinga kakhulu.”
I-Les Hijabeuses iqembu lezishoshovu lase-France elikhalaza ngokuvinjelwa kwama-hijab futhi lifuna ukufakwa kwezigaba zomphakathi ezingabaliwe.
Yize leli qembu libe nempumelelo ephalamende kodwa i-French Football Federation (i-FFF) ayikasishintshi isinqumo sayo.
“Iphalamende lase-France linqume ukwenqabela ukugqokwa kwezimpawu zezenkolo ngesikhathi semiqhudelwano, kodwa isinqumo asiholelanga ekutheni i-FFF ibuyekeze imithetho yayo,” kusho ummeli waleli qembu.
U-Ahmed uthe ukuvinjelwa kudlulela ngale kwezemidlalo futhi kuholela ekukhishweni ngokuphelele kwabesifazane abangamaSulumane e-France.
“Abesifazane kufanele babe nendawo futhi kufanele bazikhethele baphinde babe nelungelo lokubamba iqhaza,” kusho u-Ahmed.
Umthombo wesithombe: @AlJazeera