Izinsolo ngokufuduka kukaKane noMbappe 

Everson Luhanga

Joyina uRazeen Gutta embikweni wakhe wamasonto onke wokufuduka kwabadlali okwenzeka kuleli naseYurophu.

Sesiphinde safika leso sikhathi sonyaka. Ezempilo, izivumelwano kanye nezinombolo zejezi – kodwa okuhamba phambili amahlebezi nemibiko eminingi.

Abagadli abahamba phambili uHarry Kane noKylian Mbappe baphakathi kwamahlebezi athile ngesikhathi i-Manchester City ne-Arsenal befuna ukusayinisa uDeclan Rice.

EYurophu

Ukaputeni waseNgilandi ophinde abe umshayi magoli ovelele uKane (29) mhlampe sekuyisikhathi sakhe sokushiyaku-Tottenham Hotspur.

Usalelwe unyaka enkontilekeni yakhe ne-Spurs kanti okwakamuva ukuthi iqembu lase-Germany i-Bayern Munich lifake isicelo sika-£60 million (R1.2 billion) sokufuna lo mgadli ngesikhathi i-Manchester United ifuna ukumsayinisa.

UChristian Falk ubike ukuthi i-Bayern inesivumelwano okuvunyelenwe ngaso ne-Spurs ngoKane.

Ngesikhathi ukuya e-Germany kuzoholela ekutheni uKane athole isiliva kuzosho ukudela ithuba lakhe lokuba umshayimagoli ohamba phambili wesikhathi sonke kwi-Premier League. Manje usesele ngamagoli angu-47 ngemuva kuka-Alan Shearer onamagoli angu-260.

E-France uMbappe we-PSG umataniswe nokuthuthela ku-Liverpool ngemali eshisiwe ngemuva kokuthi lo mdlali atshele ompetha be-Ligue 1 ukuthi ngeke enwebe inkontileka yakhe.

I-ejenti ye-Fifa uMarco Kirdemir utshele i-Marca ukuthi i-Liverpool izimisele ukusebenzisa imali engaphezu kuka-£250 million (R5 billion) kulo mdlali (24) njengoba iqembu likaJurgen Klopp lihlose ukulwa ne-Real Madrid ukuze lisayinise lo mdlali.

Omunye umbango oqhubekayo uphakathi kwe-Manchester City ne-Arsenal. Ngemuva kokulandelana embangweni wesicoco isizini yonke, la maqembu amabili asezolwa ebanga ukudluliswa kukakaputeni we-West Ham uDeclan Rice.

Ngokombiko we-Sky Sports ompetha basanda kwehluleka ukwenza isivumelwano sika-£80 million (R1.6 billion) kanti i-Arsenal ibheke ukwengeza esivumelwaneni esingaphumelelanga sika-£90 million (R1.8 million).

Uma sekuseduze ukuthi kwenziwe izivumelwano, umdlali wasesiswini we-Chelsea uRuben Loftus Cheek usezoya e-Italy kanti i-AC Milan ifinyelele isivumelwaneni sika-£18.5 million (R370 million) sokushintshana ne-Chelsea.

Ukuhlala ne-Chelsea ekugcineni okuthinte ubukhona obukhulayo be-Saudi Arabia ewindini lokushintshana lale sizini uKalidou Koulibaly noHakim Ziyech basayine izivumelwano ne-Al Hilal kanye ne-Al Nassr.

Njengoba uZiyech ezojoyina uCristiano Ronaldo umdlali wasemuva wase-Senegal uKoulibaly wabelane ngemininingwane ngokuhamba kwakhe ngemuva kwesizini eyodwa e-London.

“Ngijabule ngezinqumo zami ngezizathu eziningi. NgiyiSulumane futhi ngifike ezweni elifanele. Ngijabule ngokudlala iligi ethuthukayo futhi ngiyethemba ukuthi ngingasiza i-Saudi Arabia ne-Al-Hilal ukuthi babhale umlando kwezemidlalo futhi le nkontileka ibaluleke kakhulu,” etshela i-Corriere dello Sport.

ENingizimu Afrika

Ezindabeni zakuleli isihlabani seMarumo Gallant uRanga Chivaviro kungenzeka abhekane nesinqumo esinzima— njengoba lo mgadli emataniswa neKaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates.

Imibiko eminingi iveza ukuthi iChiefs iyintandokazi kodwa-ke, umphathi jikelele we-Richards Bay uJames Dlamini uthi iqembu lakhe liyamfuna lo mdlali njengoba kunamahlebezi okuthi kunesivumelwano senkontileka yangaphambi kwenkontileka nalo mdlali (30).

Njengoba kunokufuduka kwabagadli kanye nonozinti umdlali wase-Ivory Coast uCharles Ayayi ufunwa AmaZulu ngokusho kwe-Soccer Laduma.

Lo mdlali (32) usemabhukwini e-ASEC Mimosa kwi-CAF Confederations Cup kule sizini futhi angasivala kahle isikhala sikaJody February osephelelwe isikhathi sokubolekwa.

Esithombeni esingenhla: UHarry Kane

Umthombo wesithombe: @bayerportal

Izihloko zakamuva