Dylan Bettencourt
UMasipala wase-Buffalo City usuveze ukuthi indawo yokucima ukoma eyisitezi i-Enyobeni yakhiwe ngokungemthetho futhi yephula namahora okuhweba.
UMasioala ukuqinisekisile ukuthi sebeqale uphenyo ngokuhambisana nesakhiwo sethaveni mayelana nemithetho yezokuphepha.
Indawo yokucima ukoma yalungiswa nyakenye kwafakwa nesinye isakhiwo ngaphezulu.
UMasipala wengeze ngokuthi indawo yokucima ukoma okushone kuyo abantu abasebancane abangu-21 ngendlela engaqondakali, ngeSonto ekuseni yephule isikhathi sokuhweba.
Okhulumela uMasipala uSamkelo Ngwenya uthe le ndawo yokucima ukoma ingase ihlawuliswe noma idilizwe.
“Kungenzeka zibhidlizwe lezi zindonga, kodwa lokho kuzoqondiswa imphumela yophenyo,” kusho uNgwenya ngokusho kwe-News24.
Uphinde wengeza ngokuthi azikho izinhlelo zokwakha ezitholakele ezigunyaza ukwakhiwa kwethaveni.
“Alukho uhlelo lwesakhiwo olwagunyazwa ngakho-ke, ibhilidi lakhiwe ngokungemthetho ngokuphulwa kwesigaba sesine(1) kwi-National Building Regulations and Building Standards Act 103 yonyaka ka-1977.
“Ngokwamarekhodi ethu ayikho ikhophi yezinhlelo zokwakha ezigunyaziwe ngoba ibhilidi lakhiwe ngokungemthetho,” kuchaza uNgwenya.
UNgwenya wengeze ngokuthi umnikazi wendawo yokucima ukoma manje kuzomele afake isicelo kabusha sokuhlolwa kabusha kwebhizinisi kusuka ebhilidini lokuhlala aliyise ebhizinisini ukuze liqhubeke nokusebenza.
“I-BCM ayizange isithole isicelo sokusebenzisa umhlaba futhi kuyaqinisekiswa ukuthi akukho sicelo esikhishiwe mayelana nokusebenza kwendawo yokucima ukoma kule ndawo ngakho-ke ukusebenza kwendawo yokucima ukoma akukho emthethweni ngokohlelo lwendawo,” kusho. uNgwenya.
I-Eastern Cape Liquor Board ikuqinisekisile ukuthi leli bhilidi belingelona umdwebo wezinhlelo abanikezwe zona ukuze bathole ilayisensi yotshwala.
“Isitolo sanikezwa ilayisensi yokudayisa ngohlelo lwebhilidi oluhlangabezana nezidingo, kodwa kubonakala sengathi lolu hlaka olugunyaziwe selushintshiwe,” kusho okhulumela uMnyango uMgwebi Msiya.
Ibhodi elidayisa utshwala selivule icala lobugebengu ethaveni ngemuva kokusola ibhizinisi ngokuphakela izingane utshwala.
Image source: @BusinessLIVE