Izinseka kowesifazane ebona izingane ezincane zicela ukudla

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ngesikhathi umfana omncane engqongqoza endlini yakhe ecela ukudla, uNosiphiwo Nompumza kumkhathaze kakhulu lokho.

Le ngane ibingakakhulu kangako.

UNompumza wase-Mdantsane e-East London ubuze umfana ukuthi usele yedwa yini kubo. 

Uvele wakhomba wabiza abafowabo ababili abadala nabo abebecela kumuzi ongaphesheya komgwaqo.

“Ngibuze ukuthi ngibalungisele yini ukudla, kodwa bathe cha ugogo wabo ubengakadli bancamela ukuthi baphathele yena lokudla.”

“Ngingumeluleki wabafundi ngakho ngazithwesa umthwalo wokuthi ngazi isimo lapho beqhamuka khona ukuthisinjani. Nginqume ukubafakela ukudla esitsheni sikagogo se-Tupperware ukuze ngibe nesizathu sokuhamba nabo lapho behlala khona.”

UNompumza ufike endlini isimo sisibi kakhulu kunalokhu abekucabanga.

“Ugogo wabo akazwani nokukhuluma kunzima. Ngizibuze ukuthi ubebathuma kanjani ukuthi bayocela ukudla.”

Laba bafana abathathu, abaneminyaka engu-20, omunye uneminyaka engu-13 omncane uneminyaka engu-11 bahlala nogogo wabo oneminyaka engu-73 ubudala. Nasendlini kukhona umalume wabo, intombi yakhe nezinye izingane zabo ezimbili, eneminyaka emibili neneminyaka emihlanu.

Omdala kubafana uneminyaka engu-20 futhi uphazamisekile ngokomqondo. Unina wadlwengulwa futhi wabulawa ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

Umama walaba abanye abafana ababili wathutha ekhononda ngomfowabo ohlukumezayo, umalume wabo ohlala nabo kanti nabo abamazi ukuthi washonaphi.

Akekho noyedwa wezingane ofundayo esikoleni.

Ngesikhathi abafana belungisa ukudla ngaphandle uNompumza usale ngaphakathi ekhuluma nogogo wabo.

UNompumza uthe uthole ukuthi indodakazi eyahamba yahamba nekhadi likagogo lakwa-Sassa.

“Manje siphila kanzima,” kusho ugogo.

Izingane ezintathu ezindala aziyitholi imali yesibonelelo sikahulumeni. Njengoba izingane zikamalume ezimbili ezincane zithola izibonelelo sikahulumeni, amakhadi azo akwa-Sassa kusolwa ukuthi agcinwe umnikazi wendawo yokucima ukoma ohlinzeka abazali bazo ngotshwala.

UNompumza uveze usizi lwakhe ku-Facebook kanti iningi labantu sebephumele obala bethembisa ukunikelela abafana nogogo wabo.

Usizi lwabo luqhamuka njengoba elakuleli ligubha isonto lokuvikelwa kwezingane kanye namalungelo azo.

Ucwaningo olwenziwa i-Unicef ​​ngendlala yezingane kuleli luveze ukuthi cishe u-42% wezingane eziphuma emakhaya ahlwempu kuleli ziphuma e-Eastern Cape, iKwaZulu-Natal nase-Limpopo.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi e-Eastern Cape, uMzukisi Solani ubengakayiphenduliimibuzo ye-Scrolla.Africa ngesikhathi sokushicilela.

Isithombe esingenhla: Abafana abathathu bebuyela ekhaya ngemuva kokuthola ukudla.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva