Dylan Bettencourt
Isomiso, amanani kaphethiloli, izindleko zokudla kwenkukhu, intela yokuthengwa kwezinkukhu kwamanye amazwe, konke sekuhlangene kwenza kube nzima kubantu baseNingizimu Afrika ukuba bakwazi ukuthenga izinkukhu.
Yize abantu sebedonsa kanzima ngenxa yokumba eqolo kwempilo, intengo yezinkukhu ngeke yenze izinto zibe lula njengoba amanani ezonyuka.
Ngokwezibalo ze-ChickenFacts kanye ne-National Agricultural Marketing Council, amanani okuthengisa isabelo sezinkukhu ezisezintsha ezikade zigciniwe kanye nama-giblets anyuke phakathi kwamaphesenti amane kuyela kwayishumi kusukela kwikota lesibili kuya engxenyeni yesithathu ka-2021.
“Kuyakhathaza ukuthi amanani ezinkukhu anyuke ngaphezu kwamandla emali kule minyaka eyishumi edlule. Isiphetho esikhulu salokhu ukuthi intengo yezinkukhu kufanele ibe yinto esizikhathaza ngayo kakhulu,” ngokusho kwewebhusayithi ekhuluma amaqiniso embikweni we-ChickenFacts.
“Imboni yezinkukhu kufanele ibheke izindlela zokuvula imboni kubadayisi abasha, ixazulule ukukhathazeka ngokushoda kokudla, futhi ikhuthaze ukufinyelela ezimakethe zokuthengisa ngaphandle.”
Inani lezinkukhu zangempela zasepulazini lenyuke cishe ngamanani ayi-16% phakathi kwezinyanga ezimbili kuNcwaba nangoMfumfu ngonyaka wezi-2021.
“Ukwenyuka kwentengo kaphethiloli kudala ukuntengantenga komnotho. Okubalulekile empilweni yethu intengo yokudla,” kusho i-ChickenFacts.
“Intengo yenkukhu iyinkinga enkulu njengoba iwumthombo wethu wamaprotheni othandwa kakhulu futhi othengekayo ngabathengi abahola kangconywana kuya kwabahola kancane.”
Umbiko uthi uhulumeni waseNingizimu Afrika wenyuse intela yokuthengwa kwezinkukhu kwamanye amazwe ngamaphesenti angama-37 kuya kwamaphesenti angama-62 emikhiqizweni wenkukhu enamathambo, waphinde wanyusa ngamaphesenti ayi-12 kuyela kwangama-42% ezinkukhu ezingenamathambo ngoNdasa ngonyaka wezi-2020.
Umthombo wesithombe: @JFEdwards