Dylan Bettencourt
Izingqinamba zokungcola embonini ye-Johnson and Johnson e-Baltimore zingalimaza amathuba okuthi othisha baseNingizimu Afrika bagonywe ekupheleni kwenyanga.
Bekumele kukhishwe imishanguzo engaba yingxenye yesigidi kothisha kanye nabasebenzi abasizayo abafaneleki okuthola imithi yokugoma okumele bayithole ngaphambi komhla zingama-28 kuNhlangulana, kubika i-Sunday Times.
Kodwa lowo mgomo ungaba sengozini ngenxa ye-US Food and Drug Administration (i-FDA) emisa konke ukukhiqizwa komuthi wokugoma i-J & J esikhungweni e-Baltimore. Lokhu kulandela ukuhlolwa kwangoMbasa okwathola ukukhathazeka okuphathelene nokuhlanzeka nokulawulwa kwekhwalithi.
Abakwa-South Africa’s Health Products Regulatory Authority (i-SAHPRA) bathe bawubhalisile lo muthi wokugoma ngomhla zingama-31 kuNdasa, nemibandela edinga ukuthi yenziwe ngaphansi kwezimo ezinhle njengoba kunqunywe yi-SAHPRA.
I-SAHPRA ithe inqwaba egunyazwe yi-FDA inqatshiwe kodwa eminye imithamo emine iphenywa yi-ejensi yaseMelika.
“I-SAHPRA ilinde imibiko yokuthi ngabe eminye imithamk ikhiqizwa ngokulandela imigomo emihle yokusebenza yini,” kusho isitatimende.
Lokhu kubambezeleka kokukhishwa kwe-J & J nakanjani kuzobonakala kuyisihibe ekukhishweni komuthi wokugoma osuhamba kancane eNingizimu Afrika. Yimithi yokugoma eyayi-6,886 kuphela eyanikezwa ngomhla ziyisikhombisa kuNhlangulana kanti inhloso kahulumeni yabantu abayizigidi ezingama-40 abagonywe ngokuphelele ibonakala isekude kakhulu.
Kusukela ngomhla ziyisithupha kuNhlangulana, iNingizimu Afrika isigome ngokuphelele abantu abayizi-1,350,245 – inani eliyi-2.3% labantu ezweni.
Umthombo wesithombe: @Quartz