
Kungenzeka ukuthi izinkawu sezithole indlela engcono yokwelapha ukulimala: ngokubamba izibambuzane zizibeke enxebeni.
Ososayensi ezweni laseNtshonalanga ye-Afrika e-Gabon baye baqaphela ukuthi lezi zinkawu zisebenzisa izinambuzane ukuze zelaphe amanxeba azo.
Ucwaningo, olushicilelwe i-Current Biology, luphinde lubonise ukuthi izimfene zizisiza kanjani ezinye izimfene.
Lo msebenzi waqala ngo-2019, ngesikhathi umathananazana okuthiwa nguSuzee ebonwa ehlola inxeba onyaweni lwendodana yakhe.
USuzee wabe esebamba isinambuzane emoyeni, wasifaka emlonyeni, ngokusobala wasikhama, wasigcoba enxebeni lendodana yakhe.
Lesi sigameko senzeke esiqiwini sase-Loango ogwini lwase-Gabon e-Atlantic, lapho abacwaningi behlola khona iqembu lezinkawu ezingu-45, eziwuhlobo olusengozini yokushabalala.
Kusukela ngaleso sikhathi, ososayensi baye babona izinkawu zizilapha izikhathi eziningana.
Kwezinye izikhathi izinkawu ezilimele ziphathwa ngendlela efanayo ngezinye izimfene.
Amanxeba avela ngesikhathi kunezimpi phakathi kwezimfene ezahlukene.
Izimfene ezilimele zazikujabulela ukunakekelwa. “Kudinga ukwethenjwa okukhulu ukubeka isinambuzane enxebeni evulekile,” kusho uSimone Pika, isazi sezinto eziphilayo eNyuvesi yase-Osnabruck eJalimane kanye nombhali wocwaningo.
“Kubukeka sengathi ziyakuqonda ukuthi uma zenza kanjena ngalesi sinambuzane, isilonda sazo siba ngcono. Kuyamangalisa.”
Abacwaningi abakwazanga ukuhlonza ukuthi isiphi isinambuzane esisetshenziswe enxebeni, kodwa bakholelwa ukuthi isinambuzane esindizayo uma kubhekwa indlela izinkawu ezisibamba ngayo.
UPika uthi isinambuzane singaba nezinto zezokwelapha.
Izinyoni, amabhere, izindlovu nezinye izilwane nazo ziyelapha, isibonelo ngokudla izitshalo.
Kodwa okuyingqayizivele ngezinkawu ukuthi azizilaphi zodwa, kodwa zisiza nezinye.