Menzi Magubane
Izinkakha ezimbili zakudala ze-Orlando Pirates seziqale uhlelo lokusebenza ngomakhalekhukhwini olungase lulethe usizi kwizinhloli zabadlali bebhola.
UBrighton Mhlongo no-Oupa Manyisa baqhamuke nohlelo lweselula olubizwa nge-My Football CV olunamandla okukhipha ama-agent ebhizinisini futhi luhlomulise izinhloli ezifuna amakhono amasha.
Lolu hlelo kuthiwa luyindlela entsha yokuthi abadlali bathole ithuba lokuzifunela bona isikhala ebholeni. Umane wenze i-profile, uthumele amavidiyo akho futhi uzimakethe kwizinhloli nakulabo abamele amaqembu amakhulu.
UMhlongo ongumsunguli wohlelo olushintsha izinto, uthe abahlosile ukukhipha muntu ebhizinisini kodwa benzela wonke umuntu imakethe yokusiza abadlali bakusasa.
“Uma ubhalisela i-My Football CV, iyakubuza ukuthi ufuna ukubhalisela ini. Ukhetha kokuningi njengokuba umdlali, umqeqeshi noma i-gent. Sibheke ukwengeza ithimba lonompempe,” kusho owayengunozinti ohamba phambili we-Pirates etshela i-Scrolla.Africa.
UMhlongo waphoqeleka ukuthi ashiye phansi ibhola ngemuva kokulimala esweni ngesikhathi edlala kwi-Marumo Gallants.
Abantu abazohlomula kakhulu ngalobu buchwepheshe ngabadlali abasebancane abafuna ukungena emkhakheni webhola kanjalo nezinhloli ezihlale zithungatha ithalente elisha.
Esikhundleni sokugijimela emiqhudelwaneni yokuthuthukisa, izinhloli zingangena kalula kulolu hlelo, zithole umdlali othile futhi zimbize ukuthi ayokwenza izivivinyo emaqenjini abo.
“Sifuna ukushintsha indlela esenza ngayo ukuhlola ngokuthola okuhle kuwona wonke umuntu futhi sikuthuthukise,” kusho uManyisa owayedlala noMhlongo kwi-Bucs.
UMhlongo uthe bazophinde basize abadlali ukuthi baye phesheya kwezilwandle ukuyovivinywa bona sebekhokhe zonke izindleko.