Celani Sikhakhane
UNgizwe Mchunu, owayengumsakazi woKhozi FM owayephinde abe ngumsakazi we-Roots ku-SABC 1, uzichithile izinsolo zokuthi isiqubulo sakhe esithi “Ayikhale” sasetshenziswa ukubhebhethekisa udlame ngesikhathi abantu bezitapela ezitolo ngoNtulikazi.
UMchunu uthi lesi siqubulo, esithi Ayikhale sasetshenziswa njengokususa uchuku yilabo ababezitapela ezitolo nababhikishi kulo lonke elase-Gauteng naKwaZulu-Natali kulandela ukuboshwa kwalowo owayenguMengameli uJacob Zuma mhla ziyisikhombisa kuNtulikazi.
UMchunu ubengomunye wabantu abayi-12 ababoshwa kulandela izinxushunxushu ezasabalala, zaholela ekufeni kwabantu abayizi-330 kanye nomonakalo wezigidigidi zamarandi.
Ngesikhathi evela enkantolo uMchunu ngoNtulikazi, i-National Prosecuting Authority (NPA) yaphikisa ngokuthi isiqubulo salomsakazi uDJ Ngizwe sikhuluma ngezikhali futhi saholela ekutheni kube nodlame.
Emasontweni asanda kwedlula, isiqubulo esihlukanisayo sidunwe amaqembu amaningi ezepolitiki ngaphambi kokhetho lwendawo lwangoLwezi. Amalungu e-IFP, i-EFF, i-NFP kanye ne-ANC wonke asebenzisa isiqubulo ukuheha abalandeli emkhankasweni.
Okuphawuleka kakhulu ukuthi uMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa usesebenzise leli gama izikhathi eziningi ukugqugquzela ukwesekwa.
USihlalo wesigceme iNkosi Bhambatha uLucky Moloi, usopolitiki we-ANC, ubhale lesi siqubulo emotweni yakhe ewuhlobo lwe-Jeep Grand Cherokee ukuthi “Ayikhale”.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uMchunu uphendule ngokubuza ukuthi kungani labo sopolitiki bengakaboshwa ngokususa udlame ekubeni nabo sebelithathile leli gama.
UMchunu uthe sinamandla isiqubulo, kodwa sikufakazele ngaphandle kokungabaza ukuthi asinawo umyalezo onodlame.
“Kumele ngikucacise ukuthi lesi siqubulo esithi ‘Ayikhale’ akusisona esami, kodwa ulimi esilusebenzisa njengabantu basemakhaya uma sijabule,” usho kanje.
Isiqubulo sikaMchunu sicasule namalungu anesibongo esifanayo nesakhe okuhlanganisa noNgqongqoshe uMnumzane Senzo Mchunu ubona sengathi wenze okuphambene.