Izinhlangano ezingenzi nzuzo nezinhlelo zokusiza umphakathi wakwaMajola 

Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa

Selokhu kuqubuke impi okukholakala ukuthi ihlobene nokwebiwa kwemfuyo kwaMajola, e-Port St Johns inqwaba yemindeni isale dengwane.

Ibalelwa ku-50 imindeni nezindlu ezingu-97 ezishisiwe kanti cishe abantu abangu-30 babulewe kusukela ngo-2021.

Imindeni iye yabaleka emakhaya yayohlala emahlathini asezintabeni ngoba isabela impilo yayo.

NgoLwesibili izinhlangano ezingenzi nzuzo ezihlanganisa iSizwe Khuphelo Foundation, i-Songe Social Change kanye ne-Tyeks Security zivakashele umphakathi wakwaMajola ukulungiselela umqhudelwano we-“Stop the War Tournament” ozoba ngomhlaka-16 kuNhlangulana.

Lolu uhlelo lokuletha ukuthula nozinzo kulo mphakathi.

UDokotela uSizwe Khuphelo weSizwe Khuphelo Foundation utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umphakathi ubamukele kuzo zonke izigodi ezithintekile.

“Esikhathini esedlule sivakashele kwaMajola umphakathi wasitshela ukuthi udinga usizo lwezimpahla zokugqoka nokwesekwa ngokwengqondo njengoba kukhona izingane zesikole eziya esikoleni zingafakile umfaniswano,” esho.

Umphakathi ufike ngobuningi bawo ukuzokwamukela izipho zawo futhi uzimisele ukwakha kabusha umphakathi wawo nokuthi uphinde uphile ngokuthula.

UKhuphelo uthe bazimisele ukuvusa lo mphakathi wathi bazibophezele ukuthi bazolekelela izakhamizi zakhona isikhathi esiyiminyaka emihlanu uze ubuyele esimweni esijwayelekile.

“Asikwazi ukuhlala sibukele abantu bebulalana ngoba sonke singabantu bakuleli futhi ngeke silinde abantu baseMelika ukuthi bafike bazoxazulula izinkinga zethu,” esho.

Amalungu omphakathi akwaMajola asamukele isifungo esenziwe yilezi zinhlangano njengegxathu lokuqala lokubuyela esimweni esijwayelekile.

USiyabonga Hakata uthe bayayithokozela yonke imizamo eyenziwayo ukubuyisa ukuthula ezigodini zase-Bhuje, e-Saphasapha nase-Tyeni.

“Abantu abasalali emahlathini. Manje sesiyakwazi ukulala ngaphandle kokwesaba. Ngisho namaphoyisa ayabonakala njengoba anikezwa isikole esiseduze ukuthi asisebenzise ngemuva kokuvakasha kukaNgqongqoshe wamaphoyisa ngenyanga edlule,” etshela i-Scrolla.Africa.

Intsha kulo mphakathi isilungiselela ukubamba imiqhudelwano emibili yebhola lomnqakiswano kanye nebhola likanobhutshuzwayo ngomhlaka-16 kuNhlangulana.

Izolo bafike ngobuningi babo bezokwamukela izingubo ezivela kulezi zinhlangano okuyisinyathelo sokwakha kabusha izimpilo zabo.

Esithombeni esingenhla: Amalungu omphakathi wakwaMajola amukela iminikelo yezimpahla zokugqoka eziphuma kwi-Songe Social Chaing, iSizwe Khuphelo Foundation kanye ne-Tyeks Security umnikelo wokuthula.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva