Izinhlaka ze-ANC zibanga ukuthi ngubani ozophatha e-KZN

Lungani Zungu

Lowo owayeyiMeya yeTheku uZandile Gumede nomsekeli oqotho kaMengameli uCyril Ramaphosa, uThabani Nyawose, basemzabalazweni wesifunda esikhulu se-ANC – futhi kunomthelela ezweni lonke.

UGumede noNyawose bobabili babanga isikhundla sokuba ngusihlalo wesifunda saseThekwini.

Uzakwabo kaGumede ungusomabhizinisi ozinze eThekwini, uMusa Nciki, obheke isikhundla sokuba ngunobhala, isikhundla esasiphethwe nguBheki Ntuli phambilini .

Manje isikhathi siyahamba. UNobhala we-ANC esifundazweni uMdumiseni Ntuli umemezele ukuthi zonke izifunda kumele zibambe izingqungquthela zokukhetha ubuholi ngaphambi kokuphela kukaNhlangulana njengoba iqembu elibusayo kufanele liphothule uhlu lwabazongenela ukhetho oluzayo lohulumeni basekhaya ngomhla zingama-27 kuMfumfu.

UNtuli uthe uGumede uzovunyelwa ukuba angenele noma yisiphi isikhundla uma amagatsha emqoka, yize ebhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa.

I-Scrolla.Africa sikuyaqonda ukuthi amagatsha amaningi abambe imihlangano yawo ejwayelekile yamagatsha (i-BGMs).

Uma uGumede enqoba, kuzoba wumqansa omkhulu kuRamaphosa uma enganquma ukuphinda angenele ukhetho akhethwe njengoMengameli weqembu ngonyaka ozayo. Kodwa uma uNyawose ekhethwa, kuzoqinisa izifiso zikaMengameli uRamaphosa.

URamaphosa udinga izifunda ezinkulu njengeTheku ukumxhasa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ebhekwe ngabomvu ngonyaka ozayo ngoZibandlela.

UGumede ungumngani osondelene kakhulu nowayenguMengameli wakuleli uMnuz uJacob Zuma kanye noNobhala-Jikelele we-ANC omisiwe u-Ace Magashule.

Umjaho wobuholi esifundeni i-Moses Mabhida eMgungundlovu, okuyisizinda esinamandla sokwesekwa kukaZuma, sixabanise amaqabane.

OwayenguNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz uMthandeni Dlungwana noMzi Zuma, abake baba ngamadlelana nabaphenduke izitha babanga isikhundla sokuba ngusihlalo wesifunda. Bobabili bangabaxhasi abaqotho bakaZuma.

URamaphosa uzokujabulela ukuthi uZamani Saul, uNdunankulu wase-Northern Cape futhi onguSihlalo weqembu uphinde waqokwa engaphikiswa, okuyizinkomba zokuthi uMengameli ubambelele ngokuqinile e-Northern Cape.

Kepha uMengameli uzobheka zonke izingqungquthela ezise-KZN ngentshisekelo enkulu, njengoba kuyisifundazwe esinamandla se-ANC uma kukhulunywa ngezingqungquthela zeqembu.

Umthombo wesithombe: @nyawose_thabani & @ZandileGumedeRT

Izihloko zakamuva