Izinguquko emndenini kalowo owayefuna ukuba iSilo eKZN

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kuzoshintshwa umndeni kaMntwana uMelizwe Dlamini owake wafuna ukufaniswa neSilo samaZulu.

UMelizwe Dlamini waseNhlangwini oGwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natal wamisa ipolitiki yakuleli ngemuva kokuphonsela inselelo ubukhosi beSilo uZwelithini ngo-2006 ngeKhomishini kaNhlapho nokwathi ngokuhamba kwesikhathi kwaba iKhomishini kaSikhakhane.

UDlamini wayefuna ukuthi isibongo sakhe simenyezelwe njengesizwe esizimele KwaZulu-Natal nokuthi babe neSilo sabo esingeke sikhothamele ubukhosi bakaZulu.

Udlule emhlabeni ngo-2021.

Naye wayeyisihlobo segazi ebukhosini bakaZulu.

NgoLwesithathu, okhulumela umndeni wakhe uMntwana uMqondisi Dlamini utshele i-Scrolla.Africa ukuthi njengengxenye yesiko labo kudingeke ukuthi balinde unyaka ngaphambi kokuthi benze umcimbi wokugeza bese befaka ngokusemthethweni ozongena esikhundleni sakhe.

“Umcimbi wenhlambululo uhlelelwe ukuba ngomhlaka-16, mhlaka-17 kanye nomhlaka-18 kuNhlangulana lapho okuzohlanjululwa khona isizwe namabutho emfuleni,” kusho uMqondisi.

Uveze ukuthi indodana kaMelizwe, uNqalabutho usesihlalweni sobukhosi futhi ulinde ukugcotshwa kwakhe ngokusemthethweni maduze nje ngemuva komhlangano womndeni ozoba ngemuva kwenhlambuluko.

Ngemuva kwesicelo sakhe sokuphonsela inselelo ubukhosi bukaZwelithini, uMelizwe wabhekana nenkinga yokushiywa yedwa emlandweni wobuholi bomdabu.

Osopolitiki ababethutheleka ebukhosini bakhe eNhlangwini abafana noNkosazane Dlamini Zuma nabanye abaningi bahoxisa ukuzihlanganisa naye.

Abatshalizimali base-Dubai abebezothuthukisa izindawo zakhe banyamalala.

OwayenguMengameli wezwe wangaleso sikhathi uMnu Jacob Zuma, owayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal uDkt Zweli Mkhize kanye nabanye osopolitiki abaningi abasezikhundleni baziqhelelanisa naye baqala ukuqinisa ubudlelwano babo neSilo samaBandla uZwelithini bamumemezela njengeSilo samaZulu.

Okwatholwa iKhomishini kaNhlapho kwaveza ukuthi isicelo sikaMelizwe sokuba iSilo KwaZulu-Natal sasingenasisekelo.

Wabe eselahlekelwa amabhizinisi okuhlanganisa nesithabathaba somuzi wakhe e-La Lucia esadayiswa kodwa kamuva sathengwa umngani wakhe ongaziwa.

Waphinde walahlekelwa ibhizinisi lakhe ebelimholela i-Seed Properties ngemuva kokukhanselwa kwelayisensi yakhe.

Umbuso wahoxisa i-VIP Protection Unit wayesethi zonke lezi zenzo ezibhekiswe kuye zihlelwe uhulumeni kanye nobukhosi bakaZulu.

Esithombeni esingenhla: Umntwana uMelizwe Dlamini ongasekho owayefuna ukulinganiswa neSilo samaZulu

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva