Izingqinamba zenkece kumalungiselelo endebe yomhlaba yelomnqakiswano

Lubhalwe nguMichael Madyira

Amalungiselelo endebe yomhlaba yebhola lomnqakiswano yakulo nyaka aphazamisekile kulandela imibiko yokushoda kwenkece.

Lo mqhudelwano womhlaba uzoba eKapa kusukela ngomhlaka-28 kuNtulikazi kuze kube mhla ziyisithupha kuNcwaba.

Sekusele izinyanga ezinhlanu ngaphambi kouthi kuqale lo mqhudelwano kuvele ukuthi ukushoda kwesabelomali sika-R34 million sekuyinkinga enkulu ekomitini le-Local Organising Committee (LOC), ngokusho kwe-News24.

Kuthiwa cishe isabelomali salo mqhudelwano siphindeke kabili sisuka ku-R47 million saya ku-R101 million esikhathini esiyiminyaka emine.

Ibamba lesikhulu esiphezulu sezimali ku-Local Organising Committee uMnu Thabang Moses uthe basabheke ukutakulwa uhulumeni kazwelonke nowesifundazwe kanjalo noMasipala waseKapa.

Imali engenayo evela ekuthengisweni kwamathikithi, uxhaso, amalungelo kumabonakude, ukuthengiswa nokunikwa amalayisensi ikhomishana yendawo yokuhlala kanye nezindleko zokulala nezamadili entengo eyigugu awanakuqinisekisa ukuthi azobuyisa izindleko ezitholwe ekuhleleni imidlalo.

“Ingozi enkulu manje ukushoda kwesabelomali,” kusho uMoses ngokwe-News24.

“Ake usho, uma imali esifuna ukuyenza ngokudayisa amathikithi ingu-R65 million, kwenzekani uma ingafinyeleli kuleyo mali?

Lokhu kungenxa yokuthi leyo mali engu-R65 million kulindeleke ukuthi kukhokhwe ngayo ezinye izindleko.

Kuze kube manje sithole imali engu-R60 million ku-R90 million owabelwe ukulungiselela lo mqhudelwano wendebeyomhlaba.

“Sisohlelweni lokugcina lapho okufanele kusetshenziswe khona yonke imali okufanele isetshenziswe,” kusho uMoses.

“Sithole u-R60 million waleyo mali. U-R30 million wokuqala kungenzeka kube yimali ebesivele siyisebenzisile.”

Elakuleli lizosingatha amanye amazwe angu-15 kulo mqhudelwano ozodlalelwa e-Cape Town International Convention Centre.

Umthombo wesithombe: Indebe yomhlaba yebhola lomnqakiswano

Izihloko zakamuva