Izingqinamba ngamalungiselelo eNdebe yoMhlaba

Dylan Bettencourt

UMengameli we-Fifa uGianni Infantino ugxekwe ngokuphakamisa ukuthi ukwakhiwa kwezinkundla zezemidlalo e-Qatar kunikeze abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle “ukuziqhenya kanye nesithunzi”.

Uphenyo lwe-The Guardian lwango-2021 luveze ukuthi bangaphezu kuka-6,500 abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle asebeshonile e-Qatar selokhu kwaqala ukwakhiwa kwezinkundla zezemidlalo ngoZibandlela ngo-2010.

Imidlalo yeNdebe yoMhlaba ezoqala ngoLwezi ihaqwe yimibiko yokushona kwabaphuma emazweni angaphandle nokugqilazwa kwabantu okushiye ifu elimnyama lilenga kulo mqhudelwano.

I-Amnesty International isole i-Fifa, isigungu esilawula ibhola emhlabeni wonke, ngokuvumela ukuxhashazwa kwabasebenzi abaphuma emazweni angaphandle. Le nhlangano ikhiphe umbiko ngenyanga edlule ichaza izimo abasebenzi okumele bazibekezelele “njenge misebenzi abaphoqwa ukuyenza”.

Kodwa-ke, u-Infantino uyivikele futhi ushayele lesi sigungu ihlombe ngeminikelo yaso e-Qatar.

“Uma unikeza umuntu umsebenzi, ngisho nasezimweni ezinzima, umnika isithunzi nokuzigqaja. Akuwona umnikelo,” etshele i-Milken Institute.

“Ukwakha inkundla lapho okuzodlalelwa khona iNdebe yoMhlaba nakho kuyinto esiziqhenya ngayo. Futhi ukwazi ukushintsha izimo zalaba bantu abangu-1.5 million kuyinto esenza siziqhenye.”

UMengameli, owakhethwa ngo-2016, ukhulume ngombiko owachaza ukuthi babalelwa ku-6,500  abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle abashonile ngesikhathi bakha izinkundla zezemidlalo e-Qatar.

“Siyaziphenya zonke lezi zinsolo nezinhlaka zangaphandle. Empeleni kushone abantu abathathu. Lokho kuningi kakhulu kodwa akusibo abantu abangu-6,000,” usho kanje.

Uthe kungenzeka ukuthi abangu-6 000 abashona besebenza kwezinye izinhlelo kodwa i-Fifa ayiwona amaphoyisa omhlaba.

Uphenyo lwe-The Guardian luphikisana nesitatimende sika-Infantino. Kutholakale ukuthi abangu-37 abashonile baxhumene ngqo nokwakhiwa kwezinkundla zezemidlalo.

Iningi labo kutholakale ukuthi babulawe “izimbangela zemvelo” – imbangela enkulu ukwehluleka kwenhliziyo okubangelwa ukusebenza endaweni eshisa kakhulu.

“Asinacala ngakho konke okwenzeka emhlabeni wonke,” esho.

Ephika eminye imibiko yokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu, u-Infantino uthe amalungelo abasebenzi abe ngcono kule minyaka embalwa edlule.

Into eyodwa u-Infantino angeke ayiphike ukuthi izinsolo zithikameze ukulungiselela lo mqhudelwano.

Umthombo wesithombe: @MiddleEastMonitor

Izihloko zakamuva