Izingozi zomgwaqo zihlasele iKwaZulu-Natali

Sizwe Sibiya

Owesifazane okhulelwe ubephakathi kwabagibeli abayi-16 abashonile, ngesikhathi itekisi ishayisana neloli engozini enyantisayo eNyakatho yaKwaZulu-Natali ngoLwesithathu ekuseni.

Ingozi yenzeke emgwaqeni omkhulu u-R64 phakathi koLundi kanye ne-Melmoth.

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natali uBheki Ntuli, udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe.

“Amaphoyisa athi asaphenya ngembangela yengozi,” kusho uNtuli.

Le ngozi ihlanganisa isibalo sabashonile esingama-93 emigwaqeni yaKwaZulu-Natali kuleNyanga Yezokuthutha.

Ekhuluma emngcwabeni wezisulu zomgwaqo ngoMgqibelo uNtuli uthe: “Ngempelasonto kaMfumfu mhla zi-10, kwashona abantu abangama-23, kanti uma sibabala bonke abashone kulenyanga kuphela bangama-77.”

Okujwayelekile ngazo zonke lezi zingozi zakamuva, ukuthi amatekisi ahlezi ebandakanyeka. Kodwa akuzona zonke izingozi ezidalwe ngamatekisi.

Lezi zingozi ezilandelayo ezibandakanya itekisi zenzeka phakathi komhla zingama-22 kuMandulo nomhla zingama-21 kuMfumfu:

  • Mhla zingama-22 kuMandulo, kwaba nokushayisana phakathi kwezimoto ezintathu kanye netekisi ngaphandle kwaseMgungundlovu. Kwashona abantu abayi-12, okubalwa kubo nowesifazane owayekhulelwe. Le ngozi yadala ukuthi kushone abantu abayi-13, futhi kusolwa ukuthi umshayeli weloli nguyena owahluleka ukuma ezimpambanweni zomgwaqo.
  • Mhla zi-10 kuMfumfu kwaginqika itekisi kumgwaqo u-R167 e-Kilimon. Kule tekisi bekukhona umndeni onamulungu ayi-12, okubalwa kuwo nosana oluneminyaka emibili ubudala, abashonele khona lapho kwathi omunye washonela esibhedlela.
  • Mhla zingama-21 kuMfumfu, abantu abali-10 ebebegibele itekisi kanye nabathathu abebeselolini bashonele khona lapho endaweni yesigameko. Bayi-16 abantu asebeshonile sebebonke njengoba kubikiwe ngenhla.

Yize uMfumfu bekwiyinyanga yezokuThutha kuzwelonke, kodwa kubonakala uNtuli ehla enyuka ehambela izindawo zezigameko.

UNgqongqoshe uvamise ukusebenzisa lesi sikhathi ukubonisana nabashayeli nokwazisa abantu ngezimbangela zezingozi zomgwaqo.

Kodwa ngalesi sikhathi kubonakala sengathi akukho okungamisa lezi zingozi.

“Sisebenza kanzima ukuthi abantu babambelele emithethweni yomgwaqo. Kodwa njengoba kunje kungakashayi ngisho isikhathi samaholidi, ngikhathazekile kakhulu ngalezi zingozi,” kusho uNgqongqoshe uNtuli.

Izihloko zakamuva