
Izikhulu zaKwaZulu-Natali beziphithizela zizama ukulungisa ngemuva kokuthi kushone abanye abantu abayi-14 ngenkathi kushayisana amaloli amabili netekisi ngoMsombuluko.
Kunovalo lokuthi lesi kuzoba yisikhathi samaholidi esibi kunazo zonke kubashayeli bezimoto esifundazweni.
Abesifazane abayi-13 nowesilisa oyedwa bashone engozini yangoMsombuluko emzileni we-Escourt ku-N3 obheke eGoli.
Izibalo zezingozi e-KZN zaziwa njezivame ukwanda kakhulu ngezikhathi zamaholide. Kepha kulonyaka, kube nokwanda kwezingozi kakhulu ngaphambi kukaZibandlela.
Kusukela ngokuphela kukaMandulo, amatekisi amane abandakanyeke ezingozini ezibulale inqwaba yabantu.
● Ekupheleni kukaMfumfu kwashona abantu abayi-16 engozini enyantisa igazi eyenzeka phakathi kwetekisi neloli
● Itekisi ligingqike labulala abantu abayi-14 bomndeni owodwa e-Kilimon
● Ekupheleni kukaMandulo, kushone abantu abayi-13 engozini yezimoto ezine eyethusayo ebandakanya itekisi neloli.
UMnyango wezokuthutha esifundazweni uphelelwa yisikhathi sokulungisa le nkinga njengoba isikhathi samaholide sisondela ngokushesha.
UNgqongqoshe wezokuthutha esifundazweni uBheki Ntuli unosuku nezikhulu zabashayeli bamaloli ukubhekana nezingozi ezibandakanya amaloli esifundazweni.
“Sibize umhlangano ophuthumayo nemboni yezimpahla ukuze kubhekwane nesibalo esiphezulu sezingozi ezithinta izimoto ezinkulu.
“Ngokuhlanganyela, kumele sisebenzisane ukuze siqede lesi sihlava sokubulawa kwabantu emigwaqeni,” kusho uNgqongqoshe.