Izibuyekezo zezingozi eNingizimu Afrika yonkana ngamaholide kaZibandlela, Sikugcina unolwazi mayelana nokuphepha emgwaqeni.
11:45 – EMgungundlovu -EThekwini N3
Kukhona izikhukhula ezinamandla ezansi ne-Ashburton. Kubikwe ukushayisana okuningi nezithiyo. Wonke umzila oya e-Mariannhill Toll Plaza uyingozi kakhulu ngenxa yokuba amanzi emgwaqeni. Abashayeli bezimoto bayelulekwa ukuthi behlise isivinini.
09:30 – E-Colenso N3
Ukungqubuzana okubi phakathi kwe-Big Sky coach kanye neloli elimile eduze kwase-Colenso/Bergville Interchange mawuqeda kudlula i-Estcourt Shell Ultra City. Kubikwe ukulimala kwabningi:
Abagibeli abane balimele kanzima
Abanye abaningana balimele ngezindlela ezahlukene
Izinsizakalo eziphuthumayo ziqedile ukukhipha abagibeli
Bonke abalimele baphuthunyiswe esibhedlela
Amaqembu e-ER24 nawe-Alfred Duma Fire & Rescue asendaweni yesigameko
08:00 – E-Van Reenen’s Pass N3
Yonke imizila iphinde yavulwa ngaphambilini ngemuva kwesigameko sokunqwabelana kwezimoto eziningi. Umzila owodwa oya eNyakatho usavaliwe kuneloli elisontekile Ukuhlanza nokubuyisela kuyaqhubeka.
06:40 – E-Van Reenen’s Pass N3
Izimoto eziningi zinqwabelana eduze nedolobha lase-Van Reenen. Isigameko sesibili sibandakanya iloli elisontekile emgwaqeni obheke enyakatho. Abezimo eziphuthumayo bahambele zombili lezi zigameko.
04:01 – E-Van Reenen’s Pass N3
Ukushayisana kwamatekisi ku-N3 uma ubheke eThekwini. Ukubuyisela kuyaqhubeka. Umgwaqo uhamba izimoto ezithwala impahla obheke eThekwini uvinjwe ngokuphelele. Kubikwe ukunqwabelana kwezimoto okubi kakhulu.
Ngomhlaka-18 kuZibandlela ka-2024
15:07 – EMgungundlovu N3
Kume iloli ku-N3 obheke enyakatho ngemuva kukaPeter Brown Drive uma ubheke e-Hilton. Umzila ongakwesokudla uvimbekile.
14:30 – EMafakatini R617
Kushayisane amaveni amabili ku-R617 phakathi kwase-Howick naseMpendle. Kulimale abantu abahlanu abanye basesimeni esibucayi. Iziguli zithuthelwe ezibhedlela. Abezimo eziphuthumayo bebekhona endaweni yesigameko.
12:23 – E-Mariannhill N3
Isiminyaminya esikhulu sezimoto ku/N3 obheke eningizimu e-Mariannhill Toll Plaza uma ubheke eThekwini. Ukubambezeleka okulindelekile.
ULwesibili 17 kuZibandlela 2024
14:38 – Durban N2
Kunesigameko sengozi ebandakanya ohamba ngezinyawo ku-N2 Northbound ngaphambi komgwaqo ongena kuMngeni osuka e-Westwood Mall. Umzila ongakwesokudla uvaliwe.
14:21 – E-Ashburton ku-N3
Kunemoto ephukile ku-N3 Southbound ngaphambi komgwaqo ongena e-Ashburton. Uhlangothi lwesokunxele luvaliwe.
13:46 – E-Kokstad/Harding ku-N2/R56
Ukutakulwa kwamaloli kuyaqhubeka eduze nendawo yokwakhiwa e-Pink Church Road. I-Brophy’s Towing isendaweni yesehlakalo. Shayela ngokuqaphela.
13:27 – EThekwini ku-N2
Kunemoto ephukile ku-N2 Southbound ngaphambi kwe-Spaghetti Junction. Umzila wangakwesokudla uvimbekile.
12:41 – Richards Bay N2
Kunesiminyaminya esibi kakhulu ku-N2 Southbound – cishe kubambezeleke ngo-20km ngenxa yamaloli athwala amalahle abheke e-Richards Bay.
12:04 – EMgungundlovu ku-3
Kuvimbeke izimoto ku-N2 Northbound ngaphambi komgwaqo ongenela emakethe ngenxa yezinkinga zemishini yokulungisa umgwaqo. Abezokuphepha basendaweni.
11:15 – Umhlanga N2
Kunengozi ku-N2 obheke eningizimu mawdlula indlela engena eMhlanga emgwaqeni obheke KwaMashu/Avoca Hills u-M25 Interchange. Umzila wesokunxele uphazamisekile. IKhusela Traffic Control isendaweni yesigameko.
09:18 – E-Ballito/Tongaat N2
Kube nengozi embi kakhulu ku-N2 Southbound ngase-Crocodile Creek e-Tongaat Toll Plaza. I-IPSS Medical Rescue isendaweni yesigameko. Umgwaqo ubuvalwe okwesikhashana ukuze indiza enophephela emhlane eyezimo eziphuthumayo izohlala ithathe abalimele Kulindeleke ukuphazamiseka okukhulu kwezimoto.
09:01 – E-Tongaat N2
Kunokuahayisana kwezimoto ku-N2 kumzila obheke eNingizimu ngaphambi kwe-Tongaat Toll Plaza. Izimoto zihamba emzileni ongakwesokudla kuphela. Kulindeleke ukubambezeleka kwezimoto.
06:46 – EThekwini N2
Kuphuke iloli kuN2 kumzila obheke enyakatho ngaphambi kokuchezukela kuka-M7 Solomon Mahlangu Drive. Umzila wesokunxele uphazamisekile.
Ngomhlaka-13 kuZibandlela ka-2024:
09:56 – EThekwini N3
Kushayisene izimoto ku-N3 Northbound uma usondela ku-Spaghetti Junction. Ibhilidi eliminyene kakhulu. Abezimo eziphuthumayo abakabi khona endaweni yesigameko. Shayela ngokuqaphela.
09:43 – E-Camperdown N3
Kukhona iloli elimile ku-N3 emzileni obheke eningizimu ngaphambi kokuchezukela e Lynnfield Park. Umgwaqo ongakwesokunxele uvaliwe lindela ukubambezeleka.
09:32 – EThekwini N3
Kukhona iloli eliphukile ku-N3 emzileni obheke enyakatho mawuqeda kudlula kumgwaqo u-M13 King Cetshwayo Highway ongenelela kuthelawayeka . Umgwaqo wesokunxele uvaliwe.
08:29 – E-Tinley Manor N2
Izimoto ezimbili zigingqike ku-N2 emzileni obheke enyakatho ebhulohweni ngaphambi kokuchezukela e-Tinley Manor ulibhekise ngaseMvoti Toll Plaza/Ultra City. Abezimo eziphuthumayo basendaweni yesigameko. Ukubambezeleka okukhulu kulindeleke kumele uqaphele.
06:41 – E-Fields Hill M13
Kukhona imoto egingqike ku-M13 mawulibhekise empumalanga ngaphambi komgwaqo u uRichmond Road/Pinetown.
06:36 – U-Roadside N3
Ingozi yezimoto eziningi ehlanganisa amaloli amane ku-N3 emzileni obheke eningizimu ( oqonde Thekwini) ngasemgaqweni ochezukela e-Roadside (umgwaqo ophumayo ku-107). Kuyalungiswa njengamanje kanti umgwaqo owodwa uvulwe ohlangothini oluya eGoli shayelani ngokuqaphela.
05:47 – E-Fields Hills M13
Kukhona ingozi yezimoto ezimbili ku-M13 emzileni obheke empumalanga mazansi no Fields Hill ngaphambi kokuchezukela e -Pinetown. Imoto eyodwa ishayise uthango , eyesibili yehla onqenqemeni. Izinsizakalo eziphuthumayo nezokutakula zisendaweni yesigameko.
Ngomhlaka-12 kuZibandlela ka-2024:
10:43 – EThekwini N2
Kugingqike imoto ku-N2 mawubheke enyakatho udlula e-Westwood Mall ibheke eMhlanga, ngaphambi kokuchezukela kuMngeni/M19. Umgwaqo ngakwesokudla uvaliwe. Kulindeleke ukubambezeleka okukhulu. Abaya esikhumulweni sezindiza bayelulekwa ukuthi basebenzise eminye imizila edlula e-Thekwini maphakathi nali idolobha naku-M41 Ruth First Northern Freeway.
07:09 – EMgungundlovu
Ukuphuka kweloli elikhulu kudale isiminyaminya ku-N3 mawulibangise enyakatho mawudlula e-Ashburton ungenelela uthelawayeka ubheke ngakumgwaqo ochezukela eMakethe nase Mkhondeni. Umzila uvaliwe endaweni kanti vele umgwaqovuyakhiwa ko Sekuqaliwe umsebenzi wokuzodonsa iloli. Kulindeleke ukubambezeleka okukhulu kwezimoto eziya eMgungundlovu.
06:05 – Enyoni N2
Kunezimoto ezishayisene ku-N2 mawubheke enyakatho ngaseNyoni uma uya ngase-Matigulu , kodwa izimoto sezisusiwe nesimo sokuhamba kwezimoto sesibuyele kwesijwayelekile.
Ngomhlaka-11 kuZibandlela ka-2024
09:15 – R61 South Coast
Iveni ebelidonsa inqola okulahlwa kuyo udoti belivale umgwaqo ku-R61 phakathi kwe-South Coast Mall kanye ne-toll gate yokuqala emva kokukhumuka kwenqola kadoti ebidonswa. Abezimo eziphuthumayo basendaweni yesigameko.
08:45 – Hilton
Umshayeli weloli utholwe equlekile emotweni ku-N3 Hilton. I-Midlands EMS ihlinzeka ngokunakekelwa okubucayi. Isiguli sifakwe umoya futhi sahanjiswa esibhedlela esikhethekile. Iziphathimandla zendawo zisendaweni yesigameko.
08:18 – E-Van Reenen’s Pass
Iloli eliikhulu livimbe umzila wesokunxele ku-N3 obheke enyakatho phakathi koThukela Toll Plaza naseSwinburne lapho izimoto mazihamba endaweni eqwala izintaba.
07:49 – EThekwini ku N2
Kuphuke imoto eduze kwase-Spaghetti Junction (EB Cloete Interchange). Ukuvalwa komzila owodwa kubangela ukubambezeleka ngaphambi kokushintshana.
07:23 – EMgungundlovu
Kuphuke Ibhasi ku-N3 kumzila obheke eningizimu odlula umgwaqo u-New England ongenelela kuthelawayeka ubheke eThekwini. Umzila ongakwesokunxele uvaliwe, futhi kubikwa ukubambezeleka kwezimoto.
06:10 – E-Harrismith
Kushayisene amaloli ku-N3 kumzila obheke enyakatho ( uma uya eGoli) eduze ne-Harrismith South interchange izimoto zidlula emzileni ongakwesokudla.
Ngomhlaka-10 kuZibandlela ka-2024:
21:38 – E-Hilton
Iloli elikhulu livimbile ku-N3 ku-Hilton Avenue uma ubheke ngasenyakatho ngase-Cedara/Howick. Izimoto zisendaweni yesigameko.
Esithombeni esingenhla: Izimoto ezibambezelekile.