
Sizwe Sibiya
Umculi wama-piano owine indondo uDJ Kabza De Small usephinde wafakazela ukuthi kungani bembiza “ngenkosi” yama-piano.
UKabza De Small, ogama lakhe langempela nguKabelo Motha, ukwazile ukubeka zonke izingoma ezine ezikwi-albhamu yakhe yakamuva enesihloko esithi Ziwa Ngale zangena eshadini lomculo le-iTunes’ Top 100 SA ezingomeni ezingu-30 ezihamba phambili, ezinsukwini ezinhlanu ngemuva kokukhishwa kwephrojekthi yokuguqulwa komdlalo ngomhlaka-22 kuMbasa.
Kulolu hlelo uKabza De Small ubuye waletha isihlabani se-kwaito saseThekwini uDJ Tira engomeni yakhe yokuqala kwi-albhamu esihloko sithi, “Ziwa Ngale” ayicula nabaculi uBeast, uMshunqisi, uDJ Exit SA, “uMr Adiwele” Young Stunna kanye noFelo Tee.
Ingoma ethi “Ziwa Ngale” eshintsha umsindo wama-piano iwuyisa kwi-kwaito yaseThekwini enezinsalela zohlobo lwe-Gqom, okwamanje ihlezi kwinombolo yesithathu eshadini lomculo we-iTunes SA kanye nakwinonombolo yokuqala emculweni osabalalayo ku-YouTube.
Ezinye izingoma ezintathu ezithi “Ebusuku” ayicula noNkosazana Daughter, ethi “Kabza” ayicula noMurumba Pitch kanye nethi “Mak’shoni Langa” ayicula noMurumba Pitch, DJ Maphorisa kanye noDa Muziqal Chef, zihlezi kwinombolo yesikhombisa, ku-12 kanye naku-26. ngokulandelana, eshadini lomculo le-iTunes.
Umthombo wesithombe nevidiyo: YouTube