
Celani Sikhakhane
Ngemuva kweminyaka engu-30 iqembu likamaskandi Izingane Zoma lavalwa ngumsakazi ngezingoma zalo ezazisusa umsindo, leli qembu selibuyile futhi.
Engomeni yabo entsha esihloko sithi- “ePhoenix”, leli qembu labesifazane bodwa abadabuka KwaZulu-Natali lisola iNdlunkulu kaZulu ngokwehluleka ukubhekana nesibhicongo sase-Phoenix ngesikhathi sezidubedube zangoNtulikazi nyakenye.
Ingoma ekhishwe emasontweni amathathu edlule ithi iNdlunkulu kaZulu ibingenza kangcono ukubhekana nesibhicongo okwabulawa kuso abantu abangu-36.
Lesi sibhicongo sadalwa ukungezwani kwezinhlanga phakathi kwemiphakathi yamaNdiya neyabamnyama yaseBhambayi, eNanda, KwaMashu naseNtuzuma.
“Ukukhothama kwakho Mdlokombane (iSilo uZwelithini) kushiye inkosi uMisuzulu nenkulu inselelo,” kucula Izingane Zoma.
“Isizwe samaZulu siye sabhekene nesibhicongo sase-Phoenix lapho amaZulu abulawa khona ngamaNdiya kodwa akekho noyedwa owaphumela obala eNdlunkulu kaZulu ukuzolungisa leyo nkinga”.
Izingoma zeZingane Zoma ezigqugquzelwe yipolitiki kudala zadonsa izingxoxo ezibanzi emashadini kwelakuleli.
Leli qembu linamalungu amahlanu okubalwa kubo abaculi balo abathathu abahamba phambili: uThandoluni Phungula, uBongekile Ngobese kanye noNikwani Ngobese.
Ngo-1994 umculo wabo wavalwa kwa-SABC ngenxa yokuthi izingoma zabo zazithathwa njengezihlasela inkosi ekhotheme uZwelithini KaBhekuzulu ngemuva kokumsola ngesibhicongo sase-Shell House.
Leli qembu lidume ngokwethembeka kowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma. Ngo-2014 baba neculo elalihlasela ukuziphatha okubi ePhalamende komholi we-EFF uJulius Malema.
Okhulumela iNdlunkulu uMntwana u-Afrika Zulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bebengakayizwa le ngoma kodwa bayawuthokozela umyalezo oqondiswe kubo.
“ISilo sizamile ukulungisa isimo ngoNtulikazi sikhulumela iNdlunkulu, namanje akhona amasosha eSilo amatasa nezinhlelo ezahlukene zokubhekana nesibhicongo sase-Phoenix ukuze kuhlanganiswe imiphakathi ethintekile,” kusho uMntwana u-Afrika.