Izingane ziyazitapela ekudleni okulahlwe abanikazi bezipaza osekuphelelwe yisikhathi

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

  • Izakhamizi zithole ukudla osekuphelelwe yisikhathi okwango-2021-2022 kulahlwe abanikazi bezitolo bokufika ngaphambi kokuthi kufike abahloli.
  • Izingane zithathe amaswidi abesezikhwameni alahlwe ngaphandle  ngaphambi kokuthi  izikhulu zifike zikhiphe ukudla osekuphelelwe yisikhathi.

Ukwesaba mayelana nokuthi kungase kube nobuthi ekudleni sekuthuse izakhamuzi zaseKhayelitsha, eKapa ngemuva kokutholakala kokudla obekuphelelwe yisikhathi kulahliwe endaweni yabo.

Izakhamizi zaseTown Two eKhayelitsha zithukuthele zigane unwabu ngemuva kokuthola izikhwama zokudla osekuphelelwe yisikhathi zilahlwe eduze komgqomo kadoti ngoLwesibili ekuseni.

Amaphoyisa akhiphe impuphu ephelelwe yisikhathi, amaswidi, ama-lollipops nama-noodles okuthiwa abanikazi bezipaza bawalahla evenini.

Ikhansela lasesigcemeni saka-9 uMnuz Mthwalo Mkutswana uphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokuncinzwa indlebe.

“Lokhu kuyadabukisa ngoba kukhombisa ukuthi laba banikazi bezipaza bebedayisa ukudla osekuphelelwe yisikhathi manje sebekulahlile ukuze kuthi uma befika abahloli bangatholi lutho,” kusho uMkutswana.

Okunye ukudla okwango-2021 no-2022. Usihlalo oqaphile endaweni u-Andiswa Ntsangane uthe izingane besevele ziwathathile amanye amaswidi ngesikhathi ziya esikoleni.

“Lokhu kukhombisa ukuthi abokufika abanandaba nezimpilo zethu, babeka izimpilo zethu engcupheni, sidinga usizo lwamaphoyisa ngokuthi avakashele zonke izipaza akhiphe ukudla osekuphelelwe yisikhathi,” kusho uNtsangane.

Ilungu leKomidi likaSodolobha le-Community Services and Health, ​​uPatricia van der Ross, uthe bayaphenya.

“Mayelana nokudla okuhlala emashalofini, lokho kudla kusuke kusaphephile ukuthi kungasetshenziswa, kodwa inani lokudla okunomsoco lingase linciphe ngemva kosuku oludayiswe ngalo. Izinto ezibolayo nezibandayo akumele zidayiswe kudlule izinsuku ezibekelwe ukusetshenziswa ngazo,” kusho uRoss.

Wengeze ngokuthi abahloli bezempilo bahlola amabhizinisi kabili ngonyaka, noma ngaphezulu uma kunezikhalazo.

“Uma abantu befuna ukulahla ukudla, bayakhuthazwa ukuthi bakwenze lokho ngendlela efanele. Ngaphandle kwalokho, bangaxhumana nehhovisi lezempilo lendawo yangakubo ukuze bathole usizo.”

URoss ukuvezile nokuthi amakhansela nezinhlangano zomphakathi ngeke bakwazi kuhlola ukudla osekuphelelwe yisikhathi ezipaza – yizikhulu zezempilo kuphela ezingenza lokhu.

Esithombeni esingenhla: Izakhamizi zase lokishini laseKhayelitsha iTown Two, eKapa zifuna kuvalwe izipaza zabokufika ngemuva kokulahlwa kokudla osekuphelelwe yisikhathi eduze komgqomo kadoti.

Umthombo Wesithombe :Buziwe Nocuze.

Izihloko zakamuva