Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Zingaphezu kuka-1 000 izingane zasesikoleni samabanga aphansi i-Kabelo, e-Katlehong, ezifunda ngaphansi kwezimo eziyingozi ngesikhathi abaholi besikole belwa ngokulungiswa kwesikole.
Zonke izingane ezingu-1,043, ngisho nezincane ezisebangeni R, kumele zisebenzise izindlu zangasese ezimbalwa ezisebenzayo. Ompompi abaningi abasebenzi, kanti kukhona ababili kuphela abasetshenziswa yiwo wonke umuntu.
Amalambu awasebenzi kahle futhi ithange lemfucuza yasendlini yangasese ligcwele, nokwenza ukuthi izindlu zangasese eziningi zingasebenziseki.
Usihlalo webhodi lesikole uPatrick Msane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bazamile ukulungisa izinto ngemuva kokuthatha izintambo ngoMbasa.
“Sikhokhe u-R25 000 ukugawula izihlahla eziyingozi ezilengela ophahleni. Sibe sesithola abantu abazolungisa amalambu ngo-R92 000 kanti ukulungisa izindlu zangasese kubize imali egaphezudlwana kuka-R100, 000.
“Kodwa uthishomkhulu osabambile uwumisile umsebenzi wathi abavunyelwe ukulungisa izinto ezinkulu. Siye samangala ngoba lokhu obekulungiswa bekuyizinto ezibalulekile futhi besino-R200 000 wokuzikhokhela,” usho kanje.
NgoMsombuluko, amalungu ebhodi lesikole amise amakilasi abhikisha.
NgoNhlangulana, izikhulu zedolobha lase-Eurhuleni zathi isikole siyingozi kakhulu ukuthi abantu bangaba kuso ngoba sephula imithetho yezempilo nezokuphepha.
Kodwa okhulumela uMnyango wezeMfundo uSteve Mabona usole isigungu sesikole.
“Isikole kumele silungise lezi zinkinga ngemali esibanika yona.
“Manje abakwazi (isikole) ukukhokhela ukulungiswa ngenxa yalokhu. Futhi abafuni ukusayinela izinsiza zokufunda baphinde basivimba ukuthi siqashe othisha abasha,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: Kabelo Primary School.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
