Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abazali bezingane zaseLong Hope Farm School eGubenxa ngase-Ugie e-Eastern Cape bathukuthele ngezinhlelo zokuhambisa izingane zabo kwesinye isikole esiqhele ngehora nesigamu ngemuva kokushiswa kwesikole emasontweni amathathu edlule.
Abazali baqale bathenjiswa amakilasi esikhashana ukuze izingane zabo ziqhubeke nemfundo endaweni.
UMnuz Bongeka Zathu ongumzali uthe: “Umqondisi wesifunda, uMnuz Bedeshani Mceleli, uvakashele isikole ngemuva kokusha wathembisa amakilasi esikhashane. Kwasijabulisa lokhu, futhi isonto leWesley Methodist lathembisa ukusingatha abafundi okwesikhashana.”
Nokho abazali bashaqekile befunda ephephandabeni lendawo ukuthi uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uhlela ukuhambisa izingane zabo kwesinye isikole.
“Yizingane ezincane lezi. Manje kuzomele bavuke ekuseni kakhulu ukuze bahambe ibanga elide beya esikoleni,” kusho uZathu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uVuyiseka Mboxela, uthe uMnyango awunayo imali yamagumbi okufundela esikhashana futhi uthole ukuthi ukuthutha abafundi kulula.
“Uma kubhekwa lezi zindlela ezimbili amakilasi esikhashana noma ukuthutha abafundi, ukubayisa kwesinye isikole kuyisixazululo esilula, futhi sibheke ukuhlinzeka abafundi ngezinto zokuhamba.”
Abazali bakhathazekile ngezinkinga ezikhona ngokuthuthwa kwabafundi.
“Sihlala ngokuhlukana epulazini, umnyango usinikeze amatekisi amathathu, kodwa mabili kuphela asebenzayo. Itekisi ngayinye enezihlalo ezingu-15 ithatha okungenani abafundi abangu-32, kanti itekisi eyodwa ngokuvamile ayifiki.
“Lezi zinkinga ngeke zibe zimbi kanjani uma izingane zethu ziyiswa kwesinye isikole?” Kubuza uZathu.
UMboxela ucele abazali ukuthi bahambisane nohlelo lokuyiswa kwesinye isikole.
“Uma umqondisi wesifunda ehlongoza ukuthutha abafundi abazali kumele bajabulele izinhlelo ezintsha,” kusho uMboxela.
Isithombe esingenhla: okusele esikoleni saseLong Hope Farm eGubenxa esishe emasontweni amathathu edlule.
Umthombo: Sithunyelwe