Izingane zesikole zifaka impilo zazo engcupheni ngenxa yemfundo

Lungani Zungu

Bakhathazekile abazali bezingane ezifunda e-Emona Primary School oThongathi, enyakatho yeTheku, batshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi izingane zabo zihlezi zibeka impilo zazo engcupheni minyaka yonke. Kepha izicelo zabo zebhuloho ziwela ezindlebeni ezingezwa.

UNozipho Dube, ongumzali wengane eneminyaka emihlanu uthe, bacela uhulumeni akhe ibhuloho enzele izingane.

“Ngesaba ukuthi ngelinye ilanga izingane zethu zizogcina ziminza,” kusho uNozipho.

“Uma lina, kusuke kuwugibe lokufa. Kubuhlungu ukubona izingane zethu zibhekene nalokhu.”

Uthe, akukho okubuhlungu njengokubuka ingane yakhe efunda ibanga lokuqala ikhumula izimpahla  ngaphambi kokuwela umfula.

“Akulungile nje lokhu. Nginxusa uhulumeni ukuthi enze okuthile ngalokhu,” kusho uNozipho.

UThando Mkhize, umama wengane eneminyaka eyisithupha ubudala efunda ibanga lesibili, wengeze wathi: “Siyesaba ukuthi izingane zethu zizominza ngelinye ilanga. Sicela uhulumeni angenelele ngaphambi kokuba kulahleke noma iyiphi impilo. Amehlo ami agcwala izinyembezi njalo uma kufanele sibuke izingane zethu zilwela ukweqa umfula.”

Abanye abazali bahamba nezingane zabo futhi baqinisekise ukuthi bawela umfula. Kodwa abanye, ngenxa yomsebenzi, abakwazi ukuhamba nezingane zabo.

“Kubuhlungu ukubona izingane ezincane ziwela zodwa. Siyazama ukusiza iningi labo uma kwenzeka bewela nezingane zethu, kodwa kwesinye isikhathi akekho umuntu ongabasiza,” kusho uMkhize.

Inhloko yocwaningo lwe-Equal Education uHopolang Selebalo uthe: “Sikhathazekile futhi siphatheka kabi ukuthi abafundi basaphoqeleka ukuba bahambe amabanga amade, futhi babhekane nezimo eziyingozi nezimo zezulu ezinzima uma beya noma bebuya esikoleni.”

Uthe, sebekhankase iminyaka emihlanu mayelana nokuthuthwa kwabo bonke abafundi abahamba amabanga amade ukuba baye ezikoleni ezikwisifundazwe. 

Izihloko zakamuva