Izingane zase-Zim ziyeka isikole ukuze zibe ozamazama

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Zingaphezulu kwesigamu izingane zase-Zimbabwe ezifunda ezikoleni zasemakhaya esezishiye phansi iskole zingakasiqedi zayosebenza njengabavukuzi abangekho emthethweni.

Isibalo sakamuva sezingane eziyeke isikole sihleli ku-63%.

I-Matabeleng South yiyo ekhahlamezeke kakhulu njengoba bekunetha kancane noma kunganethi nhlobo ngesikhathi sokutshala ngonyaka odlule. Lokhu kuphoqe ukuthi izingane kusukela kwezineminyaka engu-12 ziyeke iskole zihambe ziyofuna imali yokuziphilisa.

Abahlali bakulendawo bathe kunokuthi ingane iqulekele esikoleni ngoba ilambile, kuncono imindeni ivukuze igolide ngokungekho emthethweni ukuze bakwazi ukuzondla.

USkhumbuzo Thebe wase-Humbama Village uthe abakaze bayithole imvula manje alapho abakha khona amanzi komile.

“Kunokuthi izingane zami ezintathu ziye esikoleni zilambile, ngincamela ukuhamba nabo ngiye ezimayini ukuze sikwazi ukuthola okuya ngasethunjini,” esho.

UThebe uthe lendawo abavukuza kuyo ngokungemthetho ikude ngamakhilomitha angaphezu kuka-60 futhi kunzima ukuvakasha njalo kubo eyobanika imali.

“Umfana wami omncane obehlanganisa iminyaka engu-12 naye sesimfakile kulo msebenzi. Uzoba usizo uma sesisefa izinsalela esizigubhe ezinsukwini,” esho.

UThebe uthe usizo aluthola ezinganeni zakhe ilona olwenza ukuthi athole imali eningi bese enakekela umndeni wakhe kanye nemfuyo yakhe njengoba amadlelo engekho.

Umhlali wakule ndawo ohlala nomndeni wezingane zodwa, uthe ayikho enye into ababengayenza njengoba yena nezingane zakubo basiyeka isikole bahamba baya ezimayini bayosebenza ukuze bakwazi ukuziphilisa.

“Ngesinye iskhathi iyaphela inyanga singatholanga lutho ezimayini kodwa siyaqhubeka sivukuze ngoba kuke kwenzeke siwathole ama minerali sikwazi ukuphila,” echaza. 

Inyunyana yothisha e-Zimbabwe i-Amalgamated Rural Teachers Union (Artuz) ilethe umbiko ka-63%  wabafundi okuthiwa basiyekile isikole kulo nyaka.

Umphenyi walenyunyana uTamuka Chirimambowa uthe njengoba zisiyeka kangaka isikole izingane ingoba izikole zasemakhaya ziswele ingqalasizinda yobuchwepheshe.

UTaungana Ndoro okhulumela imfundo yamabanga aphansi kanye namabanga aphezulu uthe lombiko olethwe yi-Artuz awumphathi kahle futhi ngeke akwazi ukuphawula ngalezi zinsolo.

Isithombe esingenhla: Abavukuzi abangekho emthethweni bevukuza igolide

Umthombo wesithombe: @Mining Claims Zimbabwe

Izihloko zakamuva