Kamogelo Olaitan
Zingaphezu kuka-2 800 izingane ezibulawe ukungondleki ezibhedlela zaseNingizimu Afrika kule minyaka emihlanu edlule.
Lokhu kuvezwe wuMnyango wezeMpilo ngemuva kombuzo kaBridget Masango we-DA, kubika i-Times Live.
UMasango uphakamise lo mbuzo ePhalamende likazwelonke kuleli sonto.
UMnyango uthe iningi labashonile libandakanya izingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu.
Okhulumela uMnyango uFoster Mohale uthe zingu-3 886 izingane ezishone ngenxa yokungondleki kahle ezweni.
“Izingane ezingondlekile zisengozini enkulu yokushona ngenxa yokungenwa izifo, kanti izifo zibhebhethekisa ukungondleki. Iningi lezingane ezishona ngenxa yokungondleki kahle kuhlobene nezifo ezifana nesifo sohudo, inyumoniya, isifo sofuba kanye nesandulela ngculazi,” esho.
Isifundazwe esikhahlamezeke kakhulu iKwaZulu-Natal, kulandele i-Eastern Cape neGoli. I-North West ibike ukuthi kushone izingane ezimbalwa.
Ekhuluma ne-TimesLive, umqondisi we-Teddy Bear Clinic uDkt Shaheda Omar uthe ukufa okuqoshiwe akubonisi isibalo sangempela sezingane ezishonile ezindaweni zasemakhaya.