Izingane eziyisigidi zase-Nigeria ziyesaba ukuya ezikoleni ngoba zisaba ukuthunjwa

Arthur Greene

Izingane eziyisigidi e-Nigeria ziyekile ukuya ezikoleni ngenxa yokusaba ukuthunjwa, ngokusho kwe-United Nations Children’s Fund (i-UNICEF).

Kube nokuhlaselwa okungama-20 ezikoleni kulo nyaka, okuholele ekuthunjweni kwezingane eziyi-1,436.

Kuze kube manje ziyi-16 izingane esezibulewe kanti ezingaphezu kwezingama-200 zisalahlekile.

“Njengoba izingane zase-Nigeria ezingaphezu kwezigidi ezingama-37 ziqala unyaka omusha wesikole kule nyanga, isigidi esisodwa sisalele emuva; besaba ukubuyela esikoleni ngenxa yokungavikeleki,” kusho le nhlangano esitatimendeni ngoLwesithathu.

Izikole ezisenyakatho ye-Nigeria zisengcupheni yokuhlaselwa ngamaqembu ahlomile eminyakeni yamuva.

Iqembu lamaSulumane i-Boko Haram libe yiqembu lokuqala elathumba inqwaba yabafundi ezikoleni ngenhloso yokuthola imali yesihlengo.

Isifundazwe se-Islamic State West Africa sibuye saziwe ngokuthumba inqwaba yabantu, kanti muva nje, amaqembu ezigebengu asebenzisa le ndlela.

“Abafundi banqanyulwe emfundweni yabo nakwezinye izinzuzo ezibalulekile ezihlinzekwa izikole, njengoba imindeni nemiphakathi ihlalele ovalweni ngokubuyisela izingane emakilasini azo,” kufundeka isitatimende.

“Lokhu kungenxa yokuqubuka kwezigameko zokuhlaselwa kwesikole kanye nokuthunjwa kwabafundi e-Nigeria ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kanye nesimo samanje sokungavikeleki”.

UPeter Hawkins, omele i-UNICEF e-Nigeria, ucele ukuba kwenziwe imizamo ethuthukisiwe yokwenza amakilasi abe yindawo ephephile yezingane.

“Ezinganeni ezisengozini enkulu kakhulu, kubandakanya nezingane ezithinteka ezingxabanweni, izingane zamantombazane, kanye nezingane ezikhubazekile, ingozi yabo yokuthi bengangeni ekilasini esikhathini sokuphila kwabo inyuka kakhulu.

“Kudingeka ukuthi sikuqede lokhu kungavikeleki futhi senze okusemqoka kithi kucace, ukuthi izingane zase-Nigeria zifanelekile futhi kumele zivunyelwe ukuthi zizuze imfundo endaweni ephephile,” esho.

Lesi sitatimende siza ngemuva kokuba kuthunjwe izingane ezingama-73 esikoleni esiphakeme sikahulumeni esifundeni sase-Zamfara e-Maradun ngasekuqaleni kwenyanga. Zonke izingane zakhululwa kamuva.

Umthombo wesithombe: @ewnupdates

Izihloko zakamuva