Izingane ezingu-2,000 zibulawe inkemane

Kamogelo Olaitan

Zingaphezu kuka-1,900 izingane ezibulawe indlala esifundeni sase-Tigray e-Ethiopia kusukela ngoNhlangulana nyakenye, ezinyangeni eziyisikhombisa kuqale impi yombango.

Ngokocwaningo olwenziwa i-Tigray Regional Health, iningi lezingane ezishonile zineminyaka engaphansi kwemihlanu.

Udokotela obambe iqhaza ocwaningweni utshele i-AP News ukuthi isibalo sangempela sokushona singase sibe phezulu njengoba iningi labantu ababulawa yindlala lingabhalwa.

“Imindeni ayikwazi ukuletha izingane ezikhungweni zezempilo ngenxa yezinkinga zezithuthi zokuhamba, nathi asikwazi ukufinyelela ezindaweni eziningi ngakho asazi ukuthi kwenzekalani emphakathini,” kusho udokotela ongathandanga ukudalulwa.

Ukushona kwabantu kuqoshwe ezikhungweni zezempilo kulo lonke elase-Tigray phakathi kukaNhlangulana nyakenye nangomhla zizinye kuMbasa kulo nyaka.

Izikhulu zezempilo kulesi sifunda nazo zithe azinazo izinto ezanele zokwelapha iziguli eziningi kanti ukushoda kwemishanguzo kubi kakhulu kangangokuthi ezinye iziguli kumele zizithengele imithi emakhemisi azimele ngentengo ekhuphukayo bese ziyiletha esibhedlela ngaphambi kokuba imindeni yazo ilashwe.

Iziphathimandla zase-Ethiopia zivimbe ezokuxhumana kanye nezindiza eziya e-Tigray selokhu kwaqala impi yombango ngoLwezi ngo-2020.

NgoNhlangulana nyakanye i-Tigray yanqanyulwa kulo lonke elase-Ethiopia ngesikhathi abantu be-Tigray People’s Liberation Front bephinda bethumba iningi lesifunda.

Abasebenzi bakahulumeni sebenezinyanga bengaholi, izakhamizi eziningi ziswela imali yokuthenga ukudla nokunye ngenxa yokuthi amabhange avaliwe.

INhlangano yeZizwe Ezihlangene ilinganisela ukuthi ngaphezu kuka-90% wabantu base-Tigray abangu-5.5 million badinga usizo lobuntu, kubalwa nezingane ezingu-115,000 ezingondlekile kahle.

Ezinyangeni ezingu-18 ezedlule, bekuvimbekile, cishe lonke usizo lokusiza abantu ukuthi lufinyelele e-Tigray.

INhlangano yeZizwe Ezihlangene ibike ukuthi emalolini angu-438 athunyelwa e-Tigray ukuhambisa usizo nyakenye angu-38 kuphela abuyile.

Ucwaningo luveza ukuthi balinganiselwa ku-500,000 abantu asebeshonile kulesi sifunda selokhu kwaqala impi.

Scrolla World Cup Quiz