Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ugogo wezingane uzamile ukuzihlenga, kodwa amalangabi abenamandla kakhulu futhi umjondolo ubuvaliwe.
Izakhamizi zithi omama bavamise ukushiya izingane zabo bezivalele emijondolo, futhi zifuna aboshelwe ukuba budedengu.
Kushone izingane ezimbili ezincane ngesikhathi kusha umjondolo wase-Wetland eMakhaza, eKhayelitsha, eKapa, ngemuva kokuba unina ephume ezishiye zodwa.
Abashonile yingane eneminyaka emine neneminyaka eyisikhombisa ubudala ebezilele emjondolo ngesikhathi kuqubuka umlilo ngemuva kwehora lesishiyagalolunye ebusuku. Ugogo wabo, uNozimasile Bantshi (59) uzwe umakhelwane wakhe ememeza ethi umjondolo uyasha.
Waphuthuma endaweni yesigameko, kodwa ilangabi bese linamandla kakhulu.
“Bengingazi ukuthi umama wabo akekho,” kusho uBantshi. “Ngazama ukubasindisa, kodwa umlilo ubungalawuleki.”
UBantshi uthe useyixwayise kaningi indodakazi yakhe ukuthi ingashiyi izingane zodwa, kodwa izexwayiso zayo azinakwa.
“Waphuma nabangane futhi washiya izingane zodwa. Ngangilokhu ngimtshela ukuthi akulungile, kodwa akazange alalele,” esho.
Uchaze abazukulu bakhe njengezingane ebezizinhle wathi namanje akakholwa ukuthi abasekho.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uCaptain FC Van Wyk ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa avule uphenyo.
“Izidumbu ezimbili, esengane eneminyaka emine neneminyaka eyisikhombisa, zitholwe emfucumfucwini yomjondolo oshile eWetland, eMakhaza,” kusho uVan Wyk.
Uthe amaphoyisa atshelwe ukuthi umlilo udalwe yikhandlela.
Umlilo ucishwe ngamalungu omphakathi.
Esithombeni esingenhla: Kushone izingane ezimbili ezineminyaka ephakathi kweyisikhombisa nemine ubudala ngesikhathi kusha umjondolo elokishini laseKhayelitsha.
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze
