Izingane ezimbili zishone ngemuva kokudla ushevu endaweni yokulahla udoti

Joseph Chirume

UNomthandazo Rhwayibana ufuna isinxephezelo kuMasipala wase-Nelson Mandela Bay ngemuva kokushona kwezingane zakhe ezimbili ngemuva kwezinsolo zokudla ukudla okunoshevu endaweni yokulahla udoti ngokungemthetho.

Izingane ezimbili zikaNomthandazo, u-Asive Rhwayibana, oneminyaka eyi-11, no-Alizwa Rhwayibana, oneminyaka emihlanu, bashona kanye nezinye izingane ezimbili, u-Alunamda Mqawu, oneminyaka emithathu noZintle Mqawu, oneminyaka eyi-10, mhla zinhlanu kuMasingana ngonyaka odlule.

Indawo okulahlwa kuyo udoti icishe ibe ngamamitha ayi-100 ukusuka emijondolo yabo ese-NU30, e-Motherwell.

“Ngatshelwa ukuthi ngisebenzise le mali evela kumasingcwabisane futhi umasipala uzongikhokhela izindleko zomngcwabo,” uyasho.

“Kwafaneleka ukuba ngiboleke imali ukuze ngithayisele emalini ephuma kumasingcwabisane ngoba ibinganele ukweseka zonke izindleko zomngcwabo. Angikaze ngizwe lutho oluphuma kubo ngemuva kwalokho. Ngiyifuna ibuyisiwe leyo mali.”

UNomthandazo uthe yingoba umasipala awuzange unikeze indawo yokulahla udoti ephephile okwenza izingane zakhe zashona. Ukube bekunomgqomo noma ngabe isiza ebesibiyelwe izingane bezingeke zikwazi ukufinyelela lapho. Kwakungekho nkundla yokudlala yezingane lapho abasihlalise khona kabusha.”

Abahlali bakuqinisekisile ukuthi basalahla udoti wabo kule ndawo.

“Akukho okunye esingakwenza ngaphandle kokushisa udoti ngokushesha ngaphambi kokuba uqoqane ukuze izingane zingazitholi izinto eziyingozi,” kusho omunye wabahlali.

Okhulumela uMasipala wase-NMB, uMamela Ndamase uthe iDolobha lisize umndeni owodwa obengenawo umasingcwabisane ngemuva kokufaka isicelo sosizo.

“Omunye umndeni wakhetha ukuzikhokhela izindleko zabo njengoba kubikwa ukuthi bewunomasingcwabisane. Awuzange ucele usizo njengoba izinqubo zeDolobha zisho njalo.”

UNomthandazo akazibekile phansi ngelokuthi izikhulu zamtshela ukuthi zizombuyisela imali yakhe.

Uthembise ukuvakashela iMeya entsha yesigungu esiphezulu, uNqaba Bhanga nama-invoice avela emoshali yakhe.

Izihloko zakamuva