Izingane ezihamba ngesikebhe zase-Amazon zihlose ukulandela ezinyathelweni zeqhawe lazo

Dylan Bettencourt

Ukuhlala esikebheni eMfuleni i-Amazon kungahle kungabi yimpilo yobukhazikhazi, kodwa leyo mpilo manje inikeza izingane eziningi ithuba lokuthola udumo kuma-Olimpiki.

U-Isaquias Queiroz dos Santos wase-Brazil usephenduke isibani sethemba ezinganeni zase-Amazon ezikhulele emanzini ukulandela indlela yakhe futhi zifisa ukuthi ngelinye ilanga zinqobe igolide kuma-Olimpiki.

UDos Santos uzuze indondo yakhe yegolide kuma-Olimpiki e-Tokyo njengoba ephume endaweni yokuqala emdlalweni wamadoda we-C-1 1000m. Lokhu kunqoba, kanye nezindondo zakhe ezintathu azithola ku-Rio 2016, kugqugquzele izingane eziningana ukuthi ziqale umdlalo wokuhamba ngesikebhe e-Tres Unidos, umphakathi wabomdabu eMfuleni i-Amazon.

UTalio Pontes de Araujo utshele i-Reuters ukuthi: “Ungumgwedli omkhulu kakhulu; uyangigqugquzela ukuthi ngigwedle nsuku zonke. Isifiso sami ukuthi ngibambe iqhaza kuma-Olimpiki futhi ngithole izindondo”.

Ude Araujo oneminyaka eyi-17 ungomunye wabasha ababalelwa kwabangama-60 ababambe iqhaza ohlelweni olubizwa nge-“Canoagem Indigena”, okusho ukuthi isikebhe sendabuko ngesiZulu. Iningi lezingane lihlala emanzini ezikebheni ezinkulu zemindeni.

Umqeqeshi wabo u-Oliveira Codeiro uthe izingane, ezinye ezineminyaka eyisikhombisa ubudala, zinawo wonke amakhono adingekayo ukuze zibe ngabasubathi abaphumelele.

“Bazalelwe ezikebheni zomdabu ezibasiza ngokuzimela nangokuqina kwabo. Isikhathi sabo sihle kakhulu. Bayashesha futhi baba ngcono nsuku zonke,” kusho uCodeiro.

Le phrojekthi yaqala eminyakeni emibili eyedlule, ngonyaka wezi-2019, futhi ukunqoba kwakamuva kukados Santos kwenze ukuthi izingane eziningi zifune ukubhalisela lolu hlelo.

Umthombo wesithombe: @Reuters

Izihloko zakamuva