Izingane ezicosha imali elahlwa edamini

Everson Luhanga

Abantu abavakashela idami lase-Fleurhof basuke beye ngenxa yezizathu eziningi ezahlukene. Kwabanye, kusuke kuwuhambo olungokomoya, kanti abanye bathi linezinto zokwelapha.

Abanye abantu bafika bephethe amaBhayibheli, kanti abanye basuke behamba nezangoma zabo.

Abanye baziwa ngokwenza imikhuba lapho, njengokuhlaba izilwane – kodwa abanye bajabulisa onkulunkulu babo ngokujikijela imali emanzini.

Iqembu lezingane ezincane, zonke ezineminyaka engaphansi kweyi-12, libe seliya liyothatha yonke imali.

I-Scrolla.Africa ivakashele leli damu, elisenkabeni ye-Soweto ne-Florida, ngempelasonto yazithela ezinganeni eziyisithupha zonke zihlola amanzi ukuze zithole imali.

Umfana oneminyaka eyi-11 uthe bonke beza edamini ngoba izikole zivaliwe futhi banesithukuthezi uma behleli ekhaya. “Sithole ukuthi abantu bashiya imali lapha.

“Asazi futhi asikholelwa emasikweni abo. Yingakho sithatha imali siyisebenzise kahle.”

Umfana uthe akakholwa ukuthi le mali izomlethela amashwa.

“Uma nginenhlanhla, ngicosha ngaphezu kwama-R50 ngosuku. Ngibe sengiya ngqo esitolo lapho ngithenga khona engikufunayo.

“Uma kunebhadi, abanikazi besitolo nakanjani ibona abazoba nalo lelo bhadi hhayi mina,” esho ngesibindi.

Umfana ubebonakala nabanye abangani bakhe abahlanu belunguza emaphethelweni edamu, lapho iningi labaprofethi lihambisa khona amakhasimende abo.

Ngisho nesimo sezulu esibandayo asiwudambisi umoya wabafana, bakhanyisa imililo yokuzifudumeza ngenkathi belinde abantu ukuba baqede konke abakwenzayo bese beshiya imali yabo ngemuva.

“Imvamisa abantu baphonsa imali efana nama-R5 no-R2 edamini.”

Njengoba idamu seliphenduke izulu kubo, le ndawo iyindawo edume kakhulu ngobugebengu, abantu abaningi okubikwa ukuthi babanjwa inkunzi yezimpahla zabo lapho.

Isikhulu sezokuphepha komphakathi uJoel Mabaso uxwayise abafana abancane ukuthi bayeke ukuza edamini, njengoba abantu abaningi beyizisulu zobugebengu lapho.

“Besinemibiko eminingi ngobugebengu obenziwa edamini. Kumele abantu bangayi lapho noma bahambe ngamaqembu amakhulu.”

Izihloko zakamuva