
Kabelo Tlhabanelo
Ngesikhathi abezicishamlilo befika endlini eshayo, bebelindele ukuthi bazothola abantu abalimele noma abashonile, kodwa bebengalindele ukuthi bazothola izingane ezishonile ezinqunywe uqhoqhoqho.
Abahlali ku-Victoria Road, e-Bloemfontein bavuswe yintuthu ebisendlini ebishisa ngezikhathi zasekuseni ngoLwesine babiza amaphoyisa ase-Parkweg nabezicishamlilo.
Ngesikhathi lo mlilo ucinywa ngo-5 ekuseni, abezicishamlilo bathole izidumbu zomndeni wabantu abane. Bathola ukuthi akekho owayenamanxeba okusha.
Ngenkathi abazali kusolwa ukuthi babulawe ukuhogela intuthu izingane bezinqunywe uqhoqhoqho kwatholakala amanxeba okugwazwa emizimbeni yazo.
Amaphoyisa athi kutholakale ummese ne-baseball bat ngaphakathi endlini kanti kusolwa ukuthi lezi zinto zisetshenziselwe ukulimaza izingane, umfana oneminyaka eyi-14 nentombazane eneminyaka eyi-17.
“Ukuhlolwa kwezidumbu kuzoveza imininingwane,” kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Thandi Mbambo.
Akukho okukhomba ukungena ngenkani iphoyisa lithe abakunqabi ukuthi lokhu kungaba isenzo sokuzibulala.
“Omakhelwane bathe abakaze bezwe lezi zithandani zixabana noma zilwa. Silinde ongoti bezobugebengu basePitoli ukuthi bathole ukuthi yini eqale lo mlilo,” kusho iphoyisa.
Omunye wabezicishamlilo itshele i-Scrolla.Africa ukuthi asikho isidumbu ebesinamanxeba okusha.
“Intombazane siyithole ngaphandle otshanini kanti umfana ubesekamelweni lokulala. Ubaba utholakale kwelinye igumbi lokulala nowesifazane egumbini lokulala elikhulu.”
Iphoyisa lithe omakhelwane bathe lo mlisa ubengumuntu onenhliziyo enhle.
“Lezi zithandani bezinezingane ezimbili kodwa intombazane bekungeyona ingane yabo,” esho.
Ubaba, odabuka e-Zimbabwe, ubengumpheki okhokhelwayo kanti kuthiwa ubengasebenzi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
Kusolwa ukuthi lo mlisa ubenethemba lokuthola omunye umsebenzi kwezokwakha ngaphandle kwase-Free State. Lo mama ubesebenza esibhedlela e-Bloemfontein.
UColonel Mbambo uthe kuze kube manje amaphoyisa ahlulekile ukuxhumana nemindeni kamama noma kababa.
Ukuqinisekisile ukuthi amacala okubulala, okushisa impahla abhalisiwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo kanti kuzokwenziwa nokuhlolwa kwezidumbu ukuthola imbangela yokushona kwabo.
Umthombo wesithombe: SAPS