Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Bangaphezu kuka-1 500 abantu abashone emigwaqeni yaseNingizimu Afrika ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi njengoba izifundazwe eziyisithupha zibika ukuthi siphezulu isibalo sabashonile.
Ukuziphatha budedengu njengokugijima ngesivinini esiphezulu kanye nokushayela uphuzile kudale ukushona kwabantu abaningi njengoba umshayeli oyedwa ebanjwe ehamba ngesivinini esingu-245km/h.
Baningi abantu abashone emigwaqeni yaseNingizimu Afrika kulesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi kunangonyaka odlule, kusho uNgqongqoshe wezokuThutha uBarbara Creecy ngoMsombuluko.
Bangu-1,502 abantu abalahlekelwe izimpilo zabo ezingozini ezingu-1,234 phakathi kukaZibandlela noMasinagna. Lokhu kusho ukuthi bangaphezu kuka-70 abashonile kunangonyaka odlule.
Ekhuluma ePitoli, uCreecy uthe izifundazwe eziyisithupha zibe nabantu abaningi abashonile: I-Eastern Cape inabantu abangu-70 kunangonyaka odlule, iKwaZulu-Natal ibe nabangu-54 kwathi i-Free State yaba nabangu-21 ngaphezulu. I-Limpopo, I-Northern Cape kanye ne-North West nazo zibe nokunyuka.
I-Gauteng, i-Western Cape kanye neMpumalanga kuphela izifundazwe ezinabantu abambalwa abashonile kunonyaka odlule.
Ukushayela kabi kubangele izingozi zezimoto eziningi. Izingozi ezingaphezu kuka-87% zenzeke ngenxa yokuziphatha kwabantu okuhlanganisa ukushayisa ubaleke, ukushayiseka kwabahamba ngezinyawo, ukukhathala, ukuhluleka ukulawula imoto, isivinini, ukushayela uphuzile nokushayela budedengu,” kusho uCreecy.
Amaphoyisa abambe abagibeli abangu-414 abebeshayela ngejubane, abahlanu behamba ngo-200km/h. Okubi kakhulu kube umshayeli we-BMW obanjwe enza u-245km/h ngase-Honeydew, e-Gauteng.
Amaphoyisa omgwaqo abeke izivimbamgwaqo ezingu-997 futhi akhipha izinhlawulo ezingu-711,184. Babambe abantu abangu-23 607 bengawafakile amabhande nabangu-16 925 besebenzisa omakhalekhukhwini ngesikhathi beshayela.
Baphinde bathola izimoto ezingu-16 527 ezingekho esimweni sokuba semgwaqeni base bekhipha ezingu-8 917 emgwaqeni.
Abahamba ngezinyawo benza u-41% wabo bonke abashonile. I-Gauteng yiyona ehamba phambili yokushona kwabantu abahamba ngezinyawo njengoba bengu-63.84%, ilandelwa i-Western Cape ngo-53.9% neKwaZulu-Natal ngo-44.33%.
Osesithombeni esingenhla: UNgqongqoshe Wezokuthutha uBarbara Creecy.
Umthombo: Sithunyelwe