Celani Sikhakhane
Umbango wesihlalo sobukhosi bakwaZulu ucasule izinduna ezisola iNdlunkulu ngokuhlukanisa isizwe ngokwehluleka ukugcoba iNkosi.
NgoLwesithathu izinduna zakwaNongoma zibe nomhlangano esikhungweni sakwaNongoma lapho ezizwakalise khona ukukhathazeka ngomdonsiswano oqhubekayo eNdlunkulu.
Induna uMuzi Nyandeni ebize umhlangano ithe baphazanyiswa isimo esikhona ebukhosini.
“INdlunkulu isihlaze isihlalo sobukhosi bakwaZulu ngokulwa yodwa. Isinqumo sokuphonsela iNkosi uMisuzulu kaZwelithini inselelo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu asamukelekile neze.
“Sifisa sengathi bangayeka bagxile kubumbano besizwe samaZulu. Sikhuluma nje aMakhosi abulawa mihla namalanga, kodwa akekho ongakhuluma ngakho ngoba iNkosi yesizwe sakithi iphuma ingena ezinkantolo,” kusho uNyandeni.
IziNduna zifuna ukuthi umbango uphele ukuze isizwe sibone iNkosi yaso igcotshwa.
INdlunkulu kaZulu ibange isihlalo sobukhosi kusukela kwakhothama iSilo uZwelithini KaBhekuzulu ngoNdasa kulo nyaka.
Impi iqale ngesikhathi unkosikazi wokuqala weNkosi engasekho, iNdlovukazi uSibongile MaDlamini waKwaKhethomthandayo, eya enkantolo eyophikisa incwadi yefa nokushada kwakhe.
Amanye amalungu omndeni nawo angenelela ngokuphonsela inselelo isigxivizo sefa okukholakala ukuthi ngeseNkosi ekhotheme uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Ngesonto eledlule kuphinde kwaqulwa icala enkantolo mayelana nomcimbi wokugcotshwa kweNkosi okuyimfihlo okuthiwa bekuhlelelwe uMisuzulu eSigodlweni sakwaKhangelamankengana, kodwa uMisuzulu ukuphikile ukuthi ubenolwazi ngalo mcimbi.
UMntwana uThulani uphikile ukuthi ubenolwazi ngomhlangano wezinduna. Uthe kumele bahlangane neNdlovukazi uMavis maZungu, iNdlovukazi uMantombela, uMntwana uMangosuthu Buthelezi noMntwana uPhilemon wakwaFihlinqindi uma befuna ukuveza lezi zinkinga.