Izindondo zegolide sezizohamba nemiklomelo yemali kuma-Olympics e-Paris

I-World Athletics yenze isimemezelo esiyingqophamlando sokuthi kuzoba iyona okokuqala ngqa kwezemidlalo ukunikeza imiklomelo yemali kuma-Olympic Games.

Kuzoqala lokhu kuma-Olympics ase-Paris kuleli hlobo, abasubathi abawine igolide bazothola u-$50,000 (R1-million), ngezinhlelo zokwelula le miklomelo kwabathole izindondo zesiliva nezethusi emidlalweni yase-Los Angeles ngo-2028.

Lesi sinqumo sethula u-$2.4-million (R45-million) ozoklomelisa imidlalo yezokusubatha, kubika i-BBC Sport.

ULord Sebastian Coe uMengameli we-World Athletics, ukubize lokhu njengento ebalulekile. Uthe umnyakazo we-World Athletics ufuna ukunikeza abasubathi uzinzo ngokwezimali futhi ufuna ukwenza isiqiniseko sokuthi abasubathi bayahlomula ngqo enzuzweni abayenzayo.

Ama-Olympics ngokwesiko abhekwa njengomncintiswano wezimfundamakhwela ongenayo imali eqondile yomklomelo kwabawinile.

Lolu shintsho lwamukelwe ngabasubathi nabake badlala kuma-Olympians abafana noGreg Rutherford kanye noDame Denise Lewis, abalubona njengesinyathelo esihle sokuqaphela ukuzidela namagalelo abasubathi.

Yize i-International Olympic Committee (IOC) isabalalisa uxhaso ngemifelandawonye yamazwe ngamazwe kanye namakomidi kazwelonke wama-Olympic, ayikaze inikeze ngokomlando imali njengomklomelo kubasubathi.

Le ndlela entsha ye-World Athletics ibonakala njengendlela yokweseka abasubathi ngokuqondile.

Abagxeki, njengoJonathan Edwards bazwakalise ukukhathazeka ngalesi sinyathelo bebuza ukuthi ngabe siyahambisana yini nomoya wama-Olympic kanye nesimo esaziwayo se-IOC mayelana nokuziniela okungenankokhelo (amateurism).

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: Indondo yegolide yase-Paris ngo-2024.

Umthombo wezithombe: Paris 2024/X

Izihloko zakamuva