Celani Sikhakhane
Sekuphele izinyanga ezintathu selokhu kukhotheme iSilo samabandla iNkosi uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu kanti manje amakhosikazi akhe azobuyela emsebenzini yawo yansuku zonke.
Futhi njengengxenye yesiko lobukhosi, kuzohlatshwa izilwane zasendle ukumaka ukuphela kwesikhathi sokuzila.
Umcimbi wokuhlanza uqale ngoLwesibili futhi wonke umndeni wasebukhosini ubambe iqhaza kodwa ukuhlanzwa okukhulu kwamakhosikazi eNkosi kuzokwenzeka ngoLwesihlanu.
INkosazana uThembi Zulu Ndlovu uthe amadoda kulindeleke ukuthi aye ezintabeni ayozingela noma yisiphi isilwane sasendle esizohlatshwa esigodlweni ukuze izindlovukazi ziyeke ukugqoka izingubo zazo zokuzila.
Lo mcimbi ozoba seSigodlweni sakwaKhethomthandayo, ukuqondana nesikhathi esinqunywe yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu sokuthi abamangalelwa bahambise izincwadi ezifungelwe mayelana nesicelo sikaNdlovukazi uSibongile. INdlovukazi uSibongile MaDlamini wakwaKhethomthandayo ufuna u-50% weNgcebo yeNkosi.
Okhulumela iNdlunkulu, uMntwana uThulani Zulu uthe bonke abantu abayi-17 ababiziwe kumele bafake izifungo zabo ukuze kubekwe usuku lwenkantolo.
Abanye ababiziwe abacashunwe encwadini efungelwe yeNdlovukazi uSibongile nguMntwana uMangosuthu Buthelezi, uMengameli uCyril Ramaphosa, uNdunankulu uSihle Zikalala, namanye amakhosikazi eSilo uZwelithini okubandakanya iNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi MaDlamini Zulu ongasekho weNdlunkulu yakwaKhangelamankengana.
“Empeleni izindlovukazi zethu bezingazimisele ukuzila isikhathi esifushane kangaka kodwa bekuyisifiso seNkosi futhi zilandela isifiso sayo,” kusho iNkosazana uThembi.
“Kusukela manje bazobuyela emsebenzini yabo yansuku zonke.”
Ubuye waveza nokuthi kuzohlatshwa izinkomo eziyi-10 ukuze umoya weNkosi uye ezulwini uhlangane nokhokho bawo.