URorisang Modiba ukulethela izindaba zansuku zonke ezenzeka emhlabeni jikelele.
E-Angola – UMongameli ophumayo waseMelika uJoe Biden uthembise ukunikela ngo-$600 million ukusiza ukulungisa ujantshi we-Lobito Corridor ngesikhathi evakashele e-Angola. Lokhu kuyingxenye yohlelo lweMelika lwe-$4 billion lokuthuthukisa imizila yezitimela e-Angola, e-Zambia kanye nase-Democratic Republic of the Congo (DRC). Lo mklamo uhlose ukwenza ukuhwebelana kube lula, ukusheshisa ezokuthutha nokudala amathuba emisebenzi esifundeni esinothe ngezimbiwa. Isekelwa ngamanye amazwe, uhlelo olukhulu kunawo wonke lwaseMelila okutshala izitimela ngaphandle kwezwe futhi ingaholela kumaphrojekthi amaningi e-Afrika.
E-UK – I-Cryptocurrency Bitcoin isifinyelele kwinani layo eliphakeme kunawo wonke, yafinyelela ku-$103,280 (£81,160) ekuseni ngoLwesine. Lokhu kwanda kwenzeke ngemuva kokuthi uDonald Trump akhethe uPaul Atkins, umsekeli we-cryptocurrency, ukuhola i-SEC. Intengo ikhuphuke ngo-7.9% osukwini lokugcina kanye no-45% kusukela mhla zinhlanu kuLwezi, usuku lokhetho lwaseMelika. UTrump uthe i-Atkins isekela izimakethe ezisiza abatshalizimali nemibono emisha.
E-Iran – Iphalamende lase-Iran ligunyaze imithetho eqinile yokuthi abantu kumele bagqoke kanjani. Abesifazane manje kufanele bavale izintamo zabo, amaqakala nezingalo zabo, ngesikhathi amadoda engakwazi ukuveza isifuba, amadolo namahlombe. Lezi zinguquko zendlela yokugqoka zidale imibhikisho phambilini. Lo mthetho usadinga ukusayinwa nguMongameli uMasoud Pezeshkian, owuphikisayo futhi ofuna kudingidwe kabanzi. Uxwayise ngokuthi imithetho eqinile ingadala izinkinga eziningi.
EMelika – Umama womrepha waseMelika u-Eminem, uDebbie Mathers Nelson, ushonile. Okhulumela amaphoyisa ukuqinisekisile ukushona kwakhe, kodwa imbangela ayikaziwa. Wayekade elwa nomdlavuza wamaphaphu. U-Eminem wayevame ukucula ngobudlelwano babo obunzima ezingomeni ezifana nethi-“My Name Is” kanye nethi-“Cleanin’ Out My Closet.” UNksz Nelson wake wamangalela u-Eminem ngalokho ayekusho ngaye kodwa kamuva wabhala incwadi ngo-2008 enesihloko esithi-My Son Marshall, My Son Eminem, lapho ayezivikela khona futhi wabeka uhlangothi lwakhe lwendaba.
Esithombeni esingenhla: UJoe Biden ehlangana noMongameli wase-Angola.
Umthombo wesithombe: UJoe Biden/X