Izindaba zaseKZN ezifingqiwe:Abomndeni kaJunda bathi ukushona kwakhe kubeyingozi engenagcobho


ENquthu: UMndeni kaDkt Ntuthuko Junda Mahlaba okewaba nguNgqongqoshe eminyangweni eyahlukene kuHulumeni waseKZN usuwehlise amaphaphu kubantu mayelana nokushona kwakhe.
NgoLwesibili abomndemi bavezele abebezokhala ekhaya kwaGrace, eNquthu ukuthi ingozi yemoto emehlele ngesikhathi ejima emgwaqeni ongakwakhe eNewcastle, ibingenawo ugcobho thizeni njengoba abaningi bebesola. Bathi kube ingozi nje ebingehlela noma ngubani njengoba futhi kutholakale ukuthi ushayiswe imoto yenkampani yefenisha yesitolo sakwaBears,ebishayelwa umsebenzi wakhona wesifazane oneminyaka engu-29 ubudala. Ngokomndeni, le ngozi kube iphutha neshwa eliqondane nomfowabo engazelele ngoMgqibelo ekuseni.
Umndeni ukusho lokhu nje abaningi basethukile ngokudlula emhlabeni kukaMahlaba njengoba kungazelele muntu kanti abanye besebeqalile besola ukuthi kungenzeka ukuthi kunenhlese yepolitiki yangaphakathi kuKhongolose ukushona kwakhe njengoba ebethwelwe ngeqoma ukuthi abenguSihlalo olandelayo wesifundazwe ku-ANC.

Port Shepstone: UNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda KwaZulu-Natali, uMartin Meyer, unikezele ngokusemthethweni indawo kusonkontileka oqokiwe yokwakha isibhedlela sezifo zengqondo esibiza u-R240 million ePort Shepstone.

UMeyer unikezele indawo kusonkontileka emhlanganweni womphakathi wathi lo msebenzi uzodala imisebenzi engaphezu kuka-230 kubantu basePort Shepstone, eningizimu yeKZN.

UMdoni: Umkhakha we-Electronic Engineering and Computer Engineering (EECE) waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal wethule idivayisi entsha yokuphatha isifo sikashukela, eyahlolwa e-Umdoni Retirement Village.

Iphrojekthi Yesifo Sikashukela i-Umdoni ihlose ukusiza izakhamuzi ezikhulile ukuthi zikhumbule ukuthatha i-insulin ngendlela efanele nangesikhathi. Ukuqaliswa kokuqala kunikelwe amadivayisi ayishumi kubahlali. Lo msebenzi wathuthukiswa ngumfundi owenza unyaka wokugcina owenza idesign uKwanele Dladla, uchwepheshe oyiNhloko uDivesh Maharaj kanye noSolwazi uTom Walingo.

Esithombeni esingenhla: OwayenguNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda eKZN, uDkt Ntuthuko Mahlaba oshonile.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva