UCelani Sikhakhane ubika izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.
EMsinga: OwayenguMgcinimafa Jikelele we-ANC uDkt Zweli Mkhize uthi inhlanganisela kaJacob Zuma neqembu likaMaskandi Izingane Zoma kwenze i-ANC yaduma kakhulu ngaphambi kokhetho lwango-2009. UMkhize ukhulume kanje eMsinga emngcwabeni kaMnuz Busani Ntshebe Khuzwayo, obengumdlali wesigingci ophambili eqenjini Izingane Zoma. Uthe ukuthandwa kukaMsholozi okwakuxube nomculo oshisa izikhotha kaMaskandi kwasiza kakhulu uKhongolose.
“Nathi singabaholi kwakuthi uma esefikile uMsholozi sihlehlele emuva ngoba yayingengangathi. Kwathi uma Izingane Zoma seziqamba iziNgoma ngaye okubslwa nalena eyayithi Bonke Bathi Bafuna uZuma Aphathe, savele sathenga amaCD sawafaka kuwona wonke amatekisi lapha eKZN,” kusho uMkhize.
Leli qembu likhiphe iCD ethi Msholozi, eqanjwe ngoZuma, uMkhize athi yayidlalwa ematekisini ezweni lonke. Uthe abaholi be-ANC bathenga le CD bagqugquzela abashayeli bamatekisi ukuthi bayidlale yonke indawo, basize inhlangano ukuthi ixhumane nabantu . “Ukwesekwa kukaZuma nokuduma kwezingane Zoma kusize i-ANC kakhulu,” kusho uMkhize. Kulo mngcwabo owayenguMengameli uZuma naye ubebonakala ehleka exoxa noMkhize ngesikhathi kuqhubeka inkonzo.
E-UKZN: Usolwazi ophambili uProfessor Quarraisha Abdool Karim usejoyine ongqondongqondo abavelele emhlabeni. Uqanjwe ngokuthi uyi-Fellow of the Royal Society, isikhungo sesayensi esidala kunazo zonke emhlabeni, esasungulwa ngo-1660. Njenge-Fellow, ujoyina abafana noStephen Hawking, u-Isaac Newton, uCharles Darwin kanye no-Albert Einstein. Manje usengomunye wabayisikhombisa kuphela baseNingizimu Afrika abaseNhlanganweni, kanye nePhini likaShansela lase-Wits, uSolwazi Zeblon Vilakazi, ungoti wesifo sofuba uSolwazi Valerie Mizrahi, udokotela wezifo eziwumshayabhuqe uSolwazi Salim Abdool Karim, usokhemisi uSolwazi Tebello Nyokong, uSolwazi we-physicist uBernie Fanaroff kanye nesazi se-physicist uSolwazi George Ellis.
ITheku: IPhini leMeya yeTheku selihlabe ikhwelo ngokukhulelwa kwentsha kanye namazinga okuhushulwa kwezisu. Uthi ilinganiselwa ku-582 intsha ethola usizo oluphephile lokuhushula izisu ngenyanga phakathi kukaMasingana noNdasa kulo nyaka. Le nombolo ayifaki ukuhushulwa okungaphephile okwenziwe ngaphandle kwe-system. Uveze lezi zinombolo ezishaqisayo kwiTravelling Indaba eseThekwini. Idolobha liphinde ladalula izikole eziyishumi ezihamba phambili ngezibalo zabafundi abakhulelwayo ngesikhathi esifanayo.
Esithombeni esingenhla: OwayenguMgcinimafa Jikelele we-ANC uDkt Zweli Mkhize kanye nowayenguMengameli wakuleli nomholi we-MKP uMnuz Jacob Zuma emngcwabeni kaBusani Ntshebe Khuzwayo eMsinga ngempelasonto.
Umthombo wesithombe: @Absolute_Kganki