UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.
EMgungundlovu: UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, usevumelene ngokusemthethweni nokuvuselelwa kwenkontileka kaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, kulandela umhlangano noKhomishana wamaPhoyisa eNingizimu Afrika, uGeneral Fannie Masemola.
Lo mhlangano ubugxile ezingxoxweni ezimayelana nekusasa likaLieutenant-General Mkhwanazi, isikhathi sakhe kufanele siphele ngomhlaka-30 kuNdasa ka-2026.
Ngesikhathi sokuxoxisana, uNdunankulu uNtuli uzwakalise ukubethemba kakhulu ubuholi, ubungcweti, kanye nezindinganiso zokuziphatha ezikhonjiswe uLieutenant-General Mkhwanazi ngesikhathi sakhe njengoKhomishana wesiFundazwe.
UNdunankulu ukugcizelele ukuthi ubuholi obusebenzayo nobuzinzile ngaphakathi kwa-SAPS buhlala bubalulekile ekuvikelekeni, uzinzo, kanye nokuthuthukiswa komnotho wesifundazwe saKwaZulu-Natali, ikakhulukazi uma kubhekwa izinselelo zobugebengu eziyinkimbinkimbi neziqhubekayo.
ULieutenant-General Mkhwanazi uthole ukuqashelwa kabanzi ngendlela yakhe yokusebenza, kanye nokuqinisa ukusebenzisana phakathi kwama-SAPS kanye nezinye izinhlaka zomthetho.
EThekwini: I-ANC KwaZulu-Natal isicele umhlangano oyisipesheli nobuholi beNational Freedom Party (NFP) ukuze kubhungwe ngesinqumo sabo sokuhoxa kuHulumeni Wobumbano Lwezifundazwe.
Encwadini ethunyelwe kuleli sonto, umdidiyeli we-ANC esifundazweni uMnuz Mike Mabuyakhulu uthe bafuna kudingidwe lolu daba ngoba lunomthelela omubi ekubuseni kwesifundazwe.
UMabuyakhulu uphinde watshela i-NFP ukuthi i-ANC ivulelekile ukuxoxa nayo nganoma yiziphi izinto okufanele zibhekwe.
Pietermaritzburg: UNgqongqoshe Wezempilo e-KZN uNomagugu Simelane-Mngadi usememezele ukuvulwa ngokusemthethweni kohlelo lwe-inthanethi lokufaka izicelo zama-Pharmacy Interns and Psychologist Interns, oluqale ngoLwesine ngomhlaka-8 kuMasingana ka-2026.
“Abafuna ukufaka izicelo bazokwazi ukuthola futhi bathumele wonke amafomu adingekayo ngesizindalwazi somnyango, kusukela kusasa. Lokhu kuqashwa kuyisinyathelo esibalulekile sokuqinisa uhlelo lwethu lwezempilo kanye nokuqinisekisa amakhono esiwadingayo isifundazwe sethu,” kusho yena.
Lokhu kuqashwa kulandela isimemezelo sikaNgqongqoshe kuleli sonto mayelana nokubekwa kabusha ngempumelelo kwezimali kuzwelonke ukuze kubhekwane nezinselelo ezibalulekile zabasebenzi. Lokhu kungenelela kuklanyelwe ukuzinzisa ukuqeqesha okubalulekile kanye nokuthuthukisa izinsizakalo zemithi nezengqondo ezikhungweni zikahulumeni.
UNgqongqoshe ukhuthaze bonke abafanele ukuthi balungise amaphepha abo futhi bavakashele isizindalwazi somnyango: www.kznhealth.gov.za.
Esithombeni esingenhla: UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli unxenxa uKhomishana Wamaphoyisa Kazwelonke, uFannie Masemola, ukuba avuselele inkontileka kaLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi ihlandla lesibili njengoKhomishana Wamaphoyisa KwaZulu-Natal.
Umthombo wesithombe: Ihhovisi likaNdunankulu waseKZN
