EThekwini: Iqhawe lomzabalazo nongumholi webandla iDutch Reform Church uMfundisi Allan Boesak usezwakalise ukukhathazeka ngokuphepha kukaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngenxa yesibindi sakhe sokuveza inkohlakalo ohlelweni lwezobulungiswa ezweni. UBoesak ubekhuluma enkonzweni yeDiakonia Council of Churches Good Friday Service, eThekwini, lapho etshele khona amakholwa ukuthi uMkhwanazi angase abulawe njengoba kuvame ukwenzeka kwabaveza amaqiniso. Uthi sekuyisikhathi sokuthi ibandla likhulekele kanzima uMkhwanazi ngoba abenze njengaye bayabulawa noma baphelelwe wumsebenzi. UMkhwanazi wenza izinsolo ezimbi ngomhlaka-6 kuNtulikazi ka-2025 lapho aveza khona ukugxambukela kwezepolitiki kwa-SAPS kanye nalo lonke uhlelo lwezobulungiswa okuhlanganisa nokuhlakazwa kweThimba Lokubulawa Kwezepolitiki nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu. Lezi zinsolo ziholele ekusungulweni kweKhomishini kaMadlanga nguMengameli Cyril Ramaphosa.
OLundi: Amalungu oKlebe aseRichards Bay Serious Organised Crime Investigation esebenzisana neZululand District Task Team abophe abasolwa abathathu abaneminyaka engu-35, 44 no-64. Laba bobathathu baboshelwe ukuntshontsha imali eGluckstadt ngaseLenjani phakathi kweVryheid noLundi ngomhlaka-14 kuNdasa ka-2026 oLundi. Kusolwa ukuthi imoto ethwala imali ibihamba ku-R34 ukusuka oLundi iya e-Vryheid ngesikhathi ihlaselwa abasolwa. Badubule kaningi bebhekise emotweni yaze yama. Babe sebekhipha onogada babaphuca izibhamu zomsebenzi. Abasolwa bathathe onogada babayisa endaweni evulekile base besebenzisa iziqhumane ukuqhumisa imoto. Abasolwa babaleke nesamba semali esingadalulwanga nezibhamu ezimbili kanye nesibhamu esisodwa sohlobo lwe-9mm. Icala lokuntshontshwa kwemali libikwe esiteshini samaphoyisa eGluckstadt kanti amalungu oKlebe ahambele indawo yesigameko. Emuva kwamasonto amathathu kwatholakala imininingwane yokuthi abasolwa bakuphi. Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso kuboshwe abasolwa abathathu kwashaqwa nezimoto ezimbili ebezisetshenziswa uma kwenziwa ubugebengu.
EChesterville: Uphiko lwezokushushiswa kuzwelonke lunikeze isigwebo seminyaka engu-25 eNkantolo yesiFunda eThekwini owesilisa (27) owavuma icala lokuzama ukubulala umshana wakhe oneminyaka eyisishiyagalolunye. Icala lenziwa ngo-2024 endaweni yaseChesterville ngaphandle kweTheku. Ummangalelwa unguyise omncane kammangali futhi bebehlala emzini owodwa. Ngobusuku bangomhlaka-3 kuMasingana ka-2024, ummangalelwa waheha ummangali endaweni esehlane, emthembisa ukuthi bayobona izilwane zasendle. Sebefikile ummangalelwa waklinya ummangali waze waquleka. Umsolwa ube eseshaya ummangali ephindelela ngokhuni ebusweni. Ngemuva kwalokho umsolwa washiya ummangali wabuyela ekhaya, wabikela umndeni ukuthi ummangali udlala nabangani. Ummangali ubuye waphaphama ngokuhamba kwesikhathi wabona ukuthi uphuma igazi ebusweni. Ukwazile ukuhamba emgwaqeni oseduzane lapho asizwa khona ngumuntu obedlula waphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo.
Amaphoyisa alunywe indlebe okuthe uma evakashele ummangali esibhedlela wafaka ummangalelwa ukuthi uyathinteka. Enkantolo umsolwa ulivumile icala ngokomthetho we-Section 112 of the Criminal Procedure Act 51 of 1977, wathi isenzo sakhe siqhutshwa yintukuthelo abenayo kuyise wommangali.
Esithombeni esingenhla:Umfundisi we-Dutch Reform Church u-Allan Boesak ephethe isiphambano kanye noFata weBandla lamaRoma Khatholika uWilfred Napier emigwaqeni yaseThekwini ngoLwesihlanu ngesikhathi sosiko olude loMkhandlu Wamasonto weDiakonia owasungulwa eminyakeni eminingi edlule ukulwa nobandlululo.
Umthombo wesithombe: Diakonia Council of Churches
