UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.
EScottburgh: Amaphoyisa e-Road Traffic Inspectorate abophe umshayeli weFerrari obanjwe ehamba ngesivinini sika-208 km/h endaweni ka-120 km/h ku-N2 ePark Rynie. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseScottburgh ngoMsombuluko ngamacala alandelayo: ukushayela ngesivinini esiphezulu, ukuhluleka ukuveza izinombolo kanye nokwehluleka ukuveza i-licence disc. Ngaphezu kwakho konke, ubenencwadi egunyaza ukuboshwa, wakhokha u-R5,100.00 ngaphezu kwebheyili yakhe ka-R3,000. Uzophinde avele enkantolo nommeli wakhe ngomhlaka-16 kuNdasa ka-2026.
EThekwini: I-ActionSA iphawula ngokwembulwa kwezithombe zemifanekiso ezingamamitha angu-9 zokuhlonipha owayenguMengameli uNelson Mandela kanye no-Oliver Tambo eMoses Mabhida Stadium, okuzoholwa nguMengameli uCyril Ramaphosa.
“Nakuba silihlonipha igalelo elikhulu lalezi zishoshovu zenkululeko embusweni wentando yeningi eNingizimu Afrika, siyasiphikisa kakhulu isinqumo somfelandawonye we-ANC-EFF-IFP eThekwini sokwaba u-R22 million ukwenza lo msebenzi ngesikhathi umasipala ubhekene nenkinga enkulu yezimali,” kusho i-ActionSA.
Iqembu lithe kubikwa ukuthi iDolobha linemali yezinsuku ezingu-17 kuphela esandleni, okuyinkomba ecacile yengcindezi yemali kanye nokuphathwa kabi kwezimali.
ECornubia: NgoLwesihlanu ngomhlala-27 kuNhlolanja ka-2026, amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe umsolwa oneminyaka engu-42 ubudala eCornubia ngokuqola. Kuthiwa ngoMasingana ka-2026 umsolwa wafonela umnikazi wenkampani yonogada wafuna isamba semali esingadalulwanga, esabisa ngokuthi bazobulawa onogada bakhe. Umnikazi wenkampani yonogada akazange ahambisane nezimfuno wabe esebika udaba esiteshini samaphoyisa eDurban Central.
Ngenyanga efanayo ngoMasingana, kwabulawa onogada abathathu ababeqashwe inkampani eyodwa. Izingcingo ezisabisayo eziya kumnikazi wenkampani yonogada ziphikelele. Umnikazi wenkampani yonogada wabe esefaka imali ecelwe izigelekeqe. Amalungu eCrime Intelligence aqoqe imininingwane yokuthi umsolwa ukuphi. Uphiko lwezobunhloli ludluliselwe eQenjini eliQokiwe lesiFundazwe kanye neThimba lamaphoyisa kaMasipala waseThekwini ukuze lisebenze.
Ithimba lagasela umsolwa eCornubia, waboshwa wabe esebekwa icala lokuqola. Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesibili ngomhlaka-3 kuNdasa ka-2026. Uphenyo lwamacala amathathu okubulala athinta onogada lusaqhubeka.
Esithombeni esingenhla: Umshayeli weFerrari oboshelwe ukushayela ngesivinini esingu-208 km/h
Umthombo wesithombe: RTI
