UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva KwaZulu-Natal.
EManguzi: Bathukile abantu baseManguzi ngemuva kokuthola imoto eyebiwe emngceleni ilibangise e-Mozambique. Amalungu omphakathi athi imoto yebiwe eThekwini kodwa umnikazi wayo akakatholakali. Umngcele waseManguzi useyisango lezigebengu ezintshontsha izimoto eNingizimu Afrika. Esikhathini esiningi bantshontsha amaveni nezimoto zakwaToyota baziyise e-Mozambique.
EThekwini: Amaphoyisa KwaZulu-Natal asebophe abasolwa abangu-10 872 ngamacala ehlukene. Ngokusho kwamaphoyisa, amacala okuthintana asaphezulu, njengoba kuboshwe abasolwa abangu-3 278, abangu-1,559 kubo baboshelwe ukushaya ngenhloso yokulimaza abangu-197 baboshelwe awokubulala. Uphiko olubhekele udlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi lubophe abasolwa abangu-207 ngamacala okudlwengula kwaphinde kwaboshwa abasolwa abangu-19 ngamacala ocansi.
EGreyville: Amaphoyisa ahlukene nezinhlaka zokuphepha zizobe ziqaphile e/Hollywoodbets Durban July e-Greyville Racecourse ngoMgqibelo ngomhlaka-5 kuNtulikazi ka-2025. Ukuhlela phakathi kwamaphoyisa, abahleli bemicimbi nezinye izinhlaka zezokuphepha sekunamasonto kuqalile. Indlela ephusile eyenze imicimbi edlule yaba impumelelo phambilini, yamukelwe kulo mcimbi. Amaphoyisa nabanye abasebenzi bazotshalwa enkundleni yezemidlalo nasezindaweni ezizungezile kanjalo nasedolobheni lonke ukuze kubhekwane nezinkinga ezingase ziphazamise umcimbi.
Esithombeni esingenhla: Imoto okukholakala ukuthi yebiwe eThekwini. Amalungu omphakathi aseManguzi ayithole ngesikhathi isendleleni yokuwela umngcele oya e-Mozambique.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe