UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.
EThekwini: ICosatu KwaZulu-Natal isitshele i-ANC esifundazweni ukuthi umphakathi awusabathembi njengosopolitiki. UNobhala weCosatu eKZN, uMnuz Edwin Mkhize, ukusho lokhu eThekwini emcimbini wokusika ikhekhe le-ANC ngaphambi komcimbi wokugubha iminyaka engu-114 ozoba se-North West ngoMgqibelo. UMkhize ugcizelele ukuthi phakathi kwezinye izinto ezenza abantu balahlekelwe yithemba kosopolitiki yinkohlakalo. Ukukhathazeka kweCosatu kuza njengoba osopolitiki be-ANC bebhekene nengwadla emiphakathini. Ngonyaka odlule ngesikhathi semikhankaso yokhetho lukazwelonke lwango-2024, iningi losopolitiki be-ANC baxoshwa emiphakathini njengoba besolwa ngokukhohlwa abantu babo ukuze bazicebise bona nemindeni yabo.
ENanda: Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abahlanu abebefunelwa amacala okubulala, elokuzama ukubulala nokugebenga izindlu ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ka-Bester (Area 10) eNanda ezintatha ngoLwesine. Abasolwa basuse uthuthuva endaweni yaseNanda namaphethelo. Ekupheleni kukaLwezi ka-2025, abasolwa bazama ukubulala amaphoyisa ngokuwadubula futhi bebelokhu becasha kusukela lapho. NgoLwesine ekuseni amaphoyisa athole imininingwane yokuthi bakuphi kwase kwenziwa uphiko lwezobunhloli.
EThekwini: INkantolo yesiFunda yaseThekwini igwebe owesilisa, (32) odilikajele ababili ngecala lokudlwengula nokushushumbisa intombazane eneminyaka engu-13 ubudala phakathi kukaZibandlela ka-2023 noNhlolanja ka-2024 endaweni yaseThekwini. Ummangalelwa ubethandana nomama wentombazane base benza uhlelo lokuthi uzomvumela ummangalelwa ukuthi alale nentombazane ukuze athole imali. Okokuqala, unina wentombazane wahamba nayo waya edolobheni enza sengathi uyomthengela izingubo zikaKhisimusi. Lapho behlangana nommangalelwa intombazane yanikezwa kuye. Ngesikhathi intombazane ibuza unina ukuthi kungani eshiywe nomuntu angamazi, unina wamtshela ukuthi ummangalelwa ngumyeni wakhe. Ummangalelwa wabe esethatha intombazane wayiyisa endaweni ethile lapho efike wamlalisa khona futhi wamdlwengula izikhathi ezingaphezu kwesisodwa. Ngakusasa ekuseni, ummangalelwa wanika intombazane u-R340.
Esithombeni esingenhla: UNobhala weCosatu eKZN, u-Edwin Mkhize kanye noMbhishobhi uVusi Dube emcimbini we-ANC obuseThekwini ngoLwesine.
Umthombo wesithombe: UCelani Sikhakhane
